Ezokungcebeleka

Uvele okokuqala unkosikazi kaKhuzani ngomshado

Uvezwe ngosuku lomshado unkosikazi womculi kaMaskandi uKhuzani Mpungose.

Abantu abaningi baqale ukwazi umakoti walesi sihlabani uNonduduzo Mathenjwa okokuqala ngemuva kweminyaka beqagela abantu ukuthi ungubani.

UKhuzani wenze isiqiniseko sokuthi uyamfihla isikhathi eside kakhulu ngisho esewakhiphe amalobolo kwaMathenjwa.

Ngo-October ngesikhathi ememezela umshado wabo, abantu abaningi babefisa ukwazi ukuthi ngubani umakoti.

Ngisho abakwaMathenjwa nabakwaMpungose benze isiqiniseko sokuthi uNonduduzo akaziwa emphakathini kwaze kwaba uLwesine ngesikhathi ebonakala okokuqala emshadweni wabo ubukwaZunguness ephethwe yisikhulu saMaZulu Soccer Club uSandile Zungu.

Umshado ubuyilungele inkosi njengoba abalandeli bakaKhuzani bethi uyiNkosi yoMaskandi.

Osaziwayo, osomabhizinisi, amakhosi kanye nendlunkulu kaZulu ebimelwe yiNdlovukazi uNozizwe Mulelo, unkosikazi wesibili, bebephakathi kwezihambeli.

Lo mshado ubugcwele uthando nokuthula njengoba ubuholwa yibandla lakwaShembe ngesikhathi amaKrestu enikwa ithuba lokuvula umcimbi ngomthandazo. Bekugqokwe izingubo ezimnyama.

Scrolla.Africa

Related Articles

Back to top button