
Ishiphelene phakathi kwaNgizwe neMarch and March
Inhlangano i-March and March eholwa uNkk Jacinta Ngobese Zuma, inqume ukumisa ukusebenzisana noNgizwe Mchunu.
Lokhu kuvele esitatimendeni esikhishwe iMarch and March namhlanje, kulandela izinkulumo nezinto ezidinga ukuphenywa.
Inhlangano inqume ukuzihlukanisa noMchunu ukuze ivikele isithunzi sayo, njengoba kuqhubeka uphenyo olumayelana nezigameko nezinkulumo zaMchunu zakamuva.
Phambilini iMarch and March noMchunu bebelokhu behola imikhankaso nemashi ehlukene ezweni.
Bebekhala ngokwanda kwabokufika abangenazo izincwadi zomthetho eNingizimu Afrika bethi abahambe.
Nakuba babesebenzisana kakhulu emikhankasweni efana neyaseThekwini naseGoli, ukumiswa kwaMchunu kuveza ukuthi kukhona ukushayisana kwezinqumo nemigomo phakathi kwabaholi bale nhlangano, ikakhulukazi umsunguli wayo uMaNgobese-Zuma.
March and March ithi okwamanje ngeke isasebenzisana no Ngizwe Mchunu.
March and March ithi uphenyo lwangaphakathi luthole izinsolo zokuthi kukhona osopolitiki namaqembu osomabhizinisi abazama ukuyiphazamisa nokwehlukanisa amalungu wayo.
Le nhlangano kwiheheba lesitatimende sayo ithi kukhona izinsolo zokutholwa nokwamukelwa kwemihlomulo ngenhloso yokuyidayisa nokuyicekela phansi.
Ngenxa yalokho yingakho sebenqume ukuthi ngeke besasebenzisana noMchunu okwamanje, besalinde uphenyo oluqhubekayo.
Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169



