BusinessIzindaba

Bangene komunye umzila abamatekisi begadla ngeGetsenergy

Sihle Mkhize

Abantu abaningi bathi uma bezwa ngesibongo somndeni wakwaGetsemane kufike kuqala ibhizinisi lamatekisi kwazise banedumela kulo.

Muva nje abagxilile kulo kuphela njengoba besabalele, bheka nje ngoba banesiphuzo esinika umdlandla iGetsenergy.

Bangena nje kulo mzila yingenxa yokuqonda ukuthi abasebenzi abasembonini yamatekisi neminye imikhakha idinga umdlandla othe xaxa ukuze babhekane nezinseleko zansuku zonke.

Ekhuluma neThe Purpose uMnuz Thomas Getsemane ngalesi siphuzo uthe unenhloso yokuletha ushintsho nokunambitheka okungefaniswe kule makethe.

“Lesi siphuzo silungele ukusetshenziswa umuntu oneminyaka engu-12 ubudala kuya phezulu. Asikhakhi emphinjeni, sithakwe ngoshukela wekhethelo futhi asisaleli emlonyeni (after taste). Sinjalo nje sinoVitamin B”

“Uma usisebenzisile utshela nabanye ngenxa yokunambitheka okwehla esiphundu nomndlandla owutholayo,” kulandisa uGetsemane.

Uthi akubanga lula njengoba kunezikhondlakhondla ezivimbanisile kulo mzila ezingasafune kubangiswa kodwa ngenxa yentshisekelo ukwazile ukungena shi emakethe.

USindi Ngubane weQhikiza Lifestyle akawuvali umlomo emva kokuphuza iGetsenergy.

“Ngeke usho ukuthi yintsha kwimakethe, izwakala njengesiphuzo okudala saba khona imnandi kakhulu. Kanti ikani lakhona likuheha usekude,” usho kanje.

Sikhuluma nje iGetsenergy isiyatholakala ezitolo ezinkulu nasemagaraji ethela upetrol kanti isiqale ukusabalala nakwezinye izifundazwe okuyiLimpopo.

EKZN ikhona cishe yonke indawo ngaphandle kwamadolobha amathathu nakhona iyeza.

Uyithola isekanini elingu-330 ml elimnyama bese liba nesithombe sekhanda lehhashi elinophondo olucijile olubheke phezulu kanti ibiza uR11, 99 nje kuphela ezitolo.

Nazi ezinye zezitolo etholakala kuyo:

-Engen Mondlano

-Engen garage La Lucia

-Engen Services Station (mamadi)

-Powertrade

-Spar Inanda

-Spar Bridge City

-Spar KwaMashu

-Mamba Cash and Carry

-Saverite Phoenix

-Checkmart Palmview

-Checkmart Chartworth

-Jabula Hardware Umgababa

-Jabula Hardware Chartworth

-Jabula hardware Stanger

-Jabula hardware Maryville

-Tricircle Hardware Ixopo

-Astron Garage Malanda

-Shell Garage Folweni

-Ok Foods Westville

-Tradeport Wholesalers

-Trademore Cash and Carry

-Favours Cash and Carry

Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169 

Related Articles

Back to top button