
IBafana icoboshise i-Egypt ekhaya
UPitso Mosimane wenze izinguquko eziningi eqenjini eliqale umdlalo, ngemuva kokuthi iBafana ishaye i-Eritrea ngo-5-0 emdlalweni wokuhlungela i-Afcon ka-2027.
EzikaPitso ziqale umdlalo ibhekene nengcindezi njengoba i-Egypt ibiphethe ibhola isikhathi esiningi.
Nokho, uSipho Chaine ube nomdlalo omuhle epalini, wasiza iqembu ukuthi liye ekhefini zibambene ngo-0-0.
I-Bafana Bafana ithole igoli elibalulekile ngomzuzu ka-51, ngesikhathi uDithejane ebeka iqembu likaMosimane phambili ngo-1-0.
I-Egypt iqhubekile nokuhlasela ifuna ukulinganisa, kodwa ukuzivikela iBafana beyivale kahle emuva.
INingizimu Afrika ikhombise ukuzimisela kwaze kwaba sekugcineni, yagcina iphumelele ukungangenelwa goli.
UMosimane uphinde wanika abadlali abaningi ithuba lokungena enkundleni, okuhlanganisa uShandre Campbell, uKhulumani Ndamane, uTshepang Moremi, uRicardo Goss noYanela Mbuthuma.
Lokhu kube ukunqoba okukhulu kweBafana, ebuye ekhaya inezifundo ezibalulekile ngemuva kokunqoba iGuinea, i-Eritrea ne-Egypt.
Lisenethini
Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169




