
Kuvulwe isikhwama sokutakula uSandile kaMandisa
Sihle Mkhize
Uthando olundabamlonyeni lwaSandile noMandisa Khombisile Ndlovu luvuselele umlilo obusulotha kanti abanye ubafundise okuningi.
Lungundabamlonyeni nje yingoba beliphilwa ngabantu abadla izidakamizwa ikakhulukazi iwunga futhi behlala emgaqweni yaseThekwini.
Izindaba ezibuhlungu zokushona kwaMandisa zasabalala ngasekupheleni KwaMarch kulo nyaka.
Kube nezinsolo zokuthi uSandile uke wahanjelwa nawumqondo ehluleka ukubhekana nesimo sokulahlekelwa uMandisa.
IClip yevideo okuyiyo ehamba phambili ezinkundleni zokuxhumana yile ethi : “USandile akadli ngingadlanga, uSandile akabhemi ngingabhemile… ,”

Kumanje likhulu isasasa njengoba uChwayita Ziphatheni evule isikhwama sokulanda uSandile emgwaqeni atholeĀ iRehabilitation Centre.
Kulesi sikhwama sekukhona ovele wafaka R5 000.
“Ngiyacela bafowethu nani bodadewethu ngicela simuxhase losisi
Ngifuna lemali ayifakile ibuye iphindiwe ngifuna inhliziyo yakhe emhlophe nenhle imkhokhele.
Kunesisho esithi inhliziyo enhle ayimsizi ngalutho umnikazi ngicela sisiphikise namuhla.
Kulabo abafisa ukufaka imali bayanxuswa ukuthi bangene kuTiktok kaChwayita Ziphatheni uyena owenza lolu hlelo,” kubhala iPodcast iMPTV1 okuyiyo eyaveza bona okokuqala ohlelweni lwabo njengoba sebephenduke izintantondakazi ezweni lonke.
Kuvele ukuthi usisi thizeni ongachazwanga nguye ofake lesi samba semali esibhalwe ngenhla.
Naye uSandile usanda kuvela ezikhulumela ecela usizo kubonakala ukuthi ukhandlekile emzimbeni nesandla sangakwesukunxele sivuvukele.



