
Kuqhume izibhamu kutholele phezulu uNgizwe ne-EFF
Amalunga eqembu le-EFF atholane phezulu noNgizwe Mchunu eNanda kwafa amawindi emoto kaMchunu kwaqhuma izibhamu.
Ngokusho komthombo othembakele kuzwakale ukuqhuma kwezibhamu endaweni yesigameko, kanti kuphinde kwabikwa kokubambana ngezihluthu phakathi kukaMchunu namanye amalungu e-EFF.
Amawindi emoto kaMchunu ashaywe ngesikhathi kuqubuka lesi sigameko. Okwamanje, imininingwane egcwele mayelana nokuthi yini eholele kulesi simo esinodlame akukaacaci.
Lesi sigameko sihlobene nomcimbi uMchunu abehlele ukuwubamba eNanda. UMchunu uthi ubengenacala ngokuhlela lo mcimbi, echaza ukuthi ubizwe ngabantu bomphakathi waseNanda ukuba azobenzela lo mcimbi.
Nokho, amalungu e-EFF asola uMchunu ngokuhlela umcimbi ngosuku olufanayo nalolo iqembu ebelivele lihlele ngalo owalo mcimbi eNanda.
Lokhu kudale ukungezwani phakathi kwezinhlangothi zombili, kwaze kwagcina sebengqubuzana endaweni yesigameko.
Akukacaci okwamanje ukuthi kukhona yini abalimele noma ababoshiwe mayelana nalesi sigameko.
Kwivideo esisabalele ezinkundleni zokuxhumana kuyazwaka imimoya iphezulu baze babizane ngaphansi kweziketi zonina.
Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169



