Izindaba

Kusukume uMasipala kudutshulwa owesifazane

UMasipala iNkosi uMtubatuba ugxeke kakhulu ukubulawa kowesifazane odutshulwe eMtubatuba edolobheni, edepho yamabhasi, ngoMsombuluko.

Lo wesifazane ubikwe ukuthi udutshulwe kaningi ekhanda, emini libalele, nokushiye amalungu omphakathi eshaqekile futhi ekhathazekile ngokuphepha enkabeni yedolobha.

Kunemibiko ethi kungenzeka ukuthi lo wesifazane ubedayisa izidakamizwa nokuholele ekutheni abulawe.

Nokho, uMasipala ugcizelele ukuthi lezi zinsolo azikaqinisekiswa.

IMeya yaseNkosi uMtubatuba, uKhansela M. Mthethwa, uthe amaphoyisa nezinye iziphathimandla zomthetho kufanele ziphenye kahle ngalesi sigameko ukuze kutholakale iqiniso futhi ababandakanyekayo babhekane nomthetho.

UMthethwa uthe ukubulawa komuntu emini libalele endaweni ematasa yomphakathi kuyinto ekhathazayo kakhulu.

Ucele umphakathi ukuthi ubambisane namaphoyisa ngokunikeza noma yiluphi ulwazi olungasiza ekuqhubekiseni uphenyo.

UMasipala udlulise amazwi enduduzo emndenini, kubangani nakubathandekayo balo wesifazane oshonile.

Uthe uzoqhubeka nokusebenzisana nezinhlaka zomthetho nabanye ababambi iqhaza ukuqinisekisa ukuphepha nokuvikeleka emphakathini waseMtubatuba.

Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169 

UThukela News Times Plus

Related Articles

Back to top button