
I-ANCYL empini izinkampani ziqasha abokufika
Bahle Mkhize
UPhiko lwentsha kwi-African National Congress (ANC) i-ANCYL kwisifunda seTheku lusaqhubeka nomkhankaso wokuxosha abantu abokufika.
La bantu abangenawo amaphepha baqashwe emafemini amaningi kuleli dolobha.
Kulo mkhankaso oshisa phansi oholwa eShallcross kuWard 71 enyakatho yeTheku, bathole ukuthi kunenqwaba yabantu abaqashwe ngokungemthetho.
Bagasele izinkampani okubalwa kuzo iNovita Shoe company, Labora Shoes neDeez Steel company.
Uphiko lwentsha ye-ANC seluzizakhele ugazi emiphakathini ngemva kwale mikhankaso kanye namaphoyisa nezinye izinhlangano okuhlanganisa iMarch and March.
Balwa nezinkampanini eziqasha abokufika ngokungemthetho phezu kwabantu bakuleli abaswele imisebenzi.
Lo mkhankaso obuse Shallcross ubuholwa nguNobhala wophiko lwentsha lwe-ANC kwisifunda iTheku uNkk Nokulunga Khuzwayo kanye nePhini likaSihlalo uMnuz Sphelele Nene.
Lempi selokhu iqalile isibe nemithethela emihle kwaqashwa abantu abasha bakuleli abangaphezu kuka-100.
UNobhala uKhuzwayo uthi bazoqhubeka belwele abantu abasha.
“Sifuna wonke umuntu omusha asebenze, angeke sikuthole ukuphumula abantu abasha bengasebenzi.
“Ngeke sivumelene abantu abangenazo izimvumo zokubangunyaza ukuthi babe kuleli baphuce iqatha emlonyenj intsha yethu, kusho uKhuzwayo.
USekela Sihlalo uSphelele Nene uthe bayabonga kakhulu ngokwesekwa abantu abasha baseThekwini.



