
Zimkhalele ummeli waseZim obeqhumuza izimali zakwaRAF
Uvele kafushane eNkantolo kaMantshi yaseKuGompo ummeli waseZimbabwe uPrecious Muleya ebhekene namacala okuzitamuzela imali kaRoad Accident Fund (RAF).
Ubanjwa nje kusolwa ukuthi ubesedle uR5.2 million kanti uboshwe eikhumulweni sezindiza i-OR Tambo International Airport esebalekela eZimbabwe.
Phambilini uvele enkantolo kaMantshi yaseKempton Park.
Ngokusho kwe (NPA), lezi zimangalo bezihlanganisa abantu abayizipoki ezingu-12 ezazizohlomula kule mali.
kuthiwa ngokusho kwakhe lezipoki zazilimale engozini yomgwaqo KuGompo, iCentane, iButterworth, iKwaBhaca, iseMdantsane kanye nase-Estcourt KwaZulu-Natal.
Kuthe uma ziphuma izimali zalezi poki ayeqambe amanga ngazo wayishaqa yonke wazicebisa.
Uphenyo luphinde luveze ukuthi ezinye izimali zabantu balimala ngempela-ke esikhundleni sokuthi anike izisulu wakhetha ukuzinothisa yena.
Inkukhu iwusolile umgqakazo ngesikhathi i-RAF ithola ukungahambisani kwemininingwane kwezinye zezicelo zemali.
Lokho kwaholela ekutheni zenqatshwe nokuthe uma ilandelwa indaba yakhe kwatholakala ukuthi zonke lezimali zibhaliswe ngaphansi kwegama lakhe, zakhala.
Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169



