
Uhlulwe wuthando waziphonsa olwandle owodumo kuTiktok
Sihle Mkhize
Uziphonse olwandle lwaseThekwini wafa u-Alabaster Zwane (40) obedume kakhulu kuTiktok ngokuba istabane esizigqajayo.
Uziphonse olwandle nje uhlulwe wuthando njengoba ubekhala ngokuhlukunyezwa uNandi abejola naye.
Uveze ukuthi uxhashazwe kakhulu uNandi nengane yakhe eyamthuka iqala ngqa nokumbona.
U-Alabaster odabuka Olundi, KwaZulu-Natal, waphumela obala kwiPodcast iBhinca Nation ngokuphila nobulili obubili.
Kuleyo video wafika ehamba nentombi engumhlengikazi.
Kwenye yama video kuTiktok uthi “usenenebule” abantu besifazane abangu-85 empilweni yakhe.
Khonamanjalo, owesifazane osemncane u-Akhona Mbhele (19) ubehambe nomngani beye kozijabulisa njengoba etholwe eseshonile elimele nakwinanazi.
Sekuqubuke izinsolo zokuthi unukubeziwe ngaphambi kokuthi abulawe ngokuswantwa intamo, isidumbu sakhe besilahlwe emgwaqeni.
Umngani kuthiwa akaziwa akatholakali nasefonini.
Lesi gameko senzeke ngoLwesine ngobusuku abahambe ngabo beyozijabulela kwenye yezindawo zobumnandi kuFlorida, eThekwini.
Isidumbu sika Akhona sitholwe ngoMgqibelo ekuseni kanti kuze kube inamhlanje umngani wakhe abehamba naye akatholakali.
Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169



