
Akaneme umqeqeshi ngeChiefs ewinile
Uthi bebebuthaka kukho kokubili ukuvala emuva nokuqedela amathuba phambili.
Ekhuluma esebenzisa utolika, uDa Cruz uthe iqembu iChiefs lakhe amathuba amaningi esiwombeni sokuqala kodwa lahluleka ukuwasebenzisa.
“Esiwombeni sokuqala, sakhe amathuba amaningi kodwa asishayanga amagoli anele,” kusho lo mqeqeshi.
Uthe okukhathazayo kakhulu yindlela iSiwelele ekwazile ngayo ukusebenzisa amathuba ayo ambalwa ngemuva kwekhefu.
“Esiwombeni sesibili, bona bathole amathuba amabili base beshaya amagoli amabili,” kuqhuba yena.
UFernando Da Cruz ukholwa ukuthi i-Kaizer Chiefs ayinakho ukuzimisela okwanele emabhokisini womabili, okuyinto engadala ukuthi iqembu lilimale kakhulu ngamaphutha alo.
“Sakhe amathuba amaningi kodwa asishayanga amagoli. Ngemuva kwalokho ungenza amaphutha.
“Asinabo ubukhali emabhokisini womabili – asibukhali uma sihlasela noma sivala emuva,” kwengeza yena.
Nokho lo mqeqeshi uqinise kakhulu amagama uma esekhuluma ngodonga lwasemuva, asole ukuthi abadlali bakhe abanawo umgogodla.
Emuva aMakhosi abevale ngezinsizwa ezinamava nezingamaphini kakaputeni oZitha Kwinika no-Inacio Miguel.
Bekukhona noDillan Solomons noThabo Moloisane ezinhlangothini, okungabadlali abanamava ngokwabo.
“Sinokushoda kobuholi nokushoda kokuba nomgogodla kubadlali bethu basemuva,” kuchaza uDa Cruz.
“Kumele sikulungise lokho futhi sisebenze kakhulu ukukulungisa.”
Nokho, uFernando Da Cruz usanethemba lokuthi i-Kaizer Chiefs izoba namandla kakhulu uma abadlali abalimele sebebuyile.
“Yebo, kuyiqiniso. Sidinga ukubuya kwabadlali bethu basemuva nabadlali bethu basengaphambili.
“Namuhla uLangelihle Phili noFlavio Da Silva bebengekho,” kuqhuba yena.
“Uma wonke umuntu esebuyile, sizoba nezinketho eziningi eqenjini elizoqala imidlalo.
Ukunqoba kweChiefs kuqhubekile nokwakha isiqalo esihle seBetway Premiership ngaphansi kukaDa Cruz.
Kodwa ukugxeka kwakhe kukhombisa ukuthi akenelisekile neze futhi usabheke okungcono kuleli qembu.
Lisenethini
Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169



