Izindaba

UNgizwe ubuyise izinduku zishisa kwabeMarch and March 

Aphelele Cebekhulu

UNgizwe Mchunu ongomunye obehamba phambili ekuxoshweni kwabantu bokufika abangenamaphepha uvifake zonke enyameni kwabeMarch and March.

UNgizwe uqophe ivideo engaphezudlwana kwemizuzu emibili emva kokuhoxiswa yile nhlangano yomphakathi ngoba imsola ngokuthile.

“Nakuba singakuzuzile konke kodwa ngeke sahlale simasha, iqiniso lonke iqiniso lodwa. Iqiniso ngoba asinayo inhloso yokuwisa umnotho. Ngikhuluma lokho njengengwevu futhi njengomuntu okwaziyo ukuboshwa,”

“Abafwethu esihola nabo lento udadewethu uMaNgobese nomfwethu uPhakela abalazi ijele futhi bangaphansi kimina. Bajatshuliswa yikho konke, ukuba semehlweni abantu nokuba ondabamlonyeni,” kugadla uNgizwe.

Ukhuluma kanje uNgizwe le nhlangano eholwa uNkk Jacinta Ngobese Zuma, inqume ukumisa ukusebenzisana noNgizwe Mchunu.

Lokhu kuvele esitatimendeni esikhishwe iMarch and March ngoMsombuluko kulandela izinkulumo nezinto ezidinga ukuphenywa.

Inhlangano inqume ukuzihlukanisa noMchunu ukuze ivikele isithunzi sayo, njengoba kuqhubeka uphenyo olumayelana nezigameko nezinkulumo zakhe zakamuva.

Phambilini iMarch and March noMchunu bebelokhu behola imikhankaso nemashi ehlukene ezweni.

Bebekhala ngokwanda kwabokufika abangenazo izincwadi zomthetho eNingizimu Afrika bethi abahambe.

Nakuba babesebenzisana kakhulu emikhankasweni efana neyaseThekwini naseGoli, ukumiswa kwaMchunu kuveza ukuthi kukhona ukushayisana ikakhulukazi nomsunguli wayo uMaNgobese-Zuma.

IMarch and March ithi okwamanje ngeke isasebenzisana noMchunu.

Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169 

Related Articles

Back to top button