
Kusize iPKTT inkabi ijuqa uNobhala weMK Party
Philasande Luthuli
Amaphoyisa KwaZulu-Natal ophiko iPolitical Killings Task Team (PKTT) abophe umsolwa oneminyaka engu-27 ubudala mayelana nezinsolo zokuzama ukubulala ilunga leMK Party.
UNobhala kwiLembe District uMs Zanele Mbhamali nomkhwenyana wakhe basinda ngokulambisa inkabi isho ukubayisa kwagoqanyawo.
Umsolwa uVelile Ntshangase (27), waseMahlabathini, ubevele eNdwedwe District Court ngoMsombuluko ebhekene namacala okuzama ukubulala.
Icala lizobuyela eNkantolo ngomhla ka-3 August 2026 ukuze umsolwa athole ummeli.
Isigameko aboshelwa sona senzeka ngomhla ka-23 June 2026 ngezithuba 22:30 ebusuku.
UMs Mbhamali nomyeni wakhe babeya ekhaya behamba ngomgwaqo uP100 bebheke eNdwedwe ngesikhathi kuvumbuka umsolwa esithubeni ebaqhulula ngenhlamvu.
Amalunga eKZN Political Killings Task Team athola idokodo ngomhla ka-10 July 2026 angabe esapholisa maseko aqala uphenyo nelaholela ekuboshweni kwaNtshangase.
Ngesikhathi kuqhubeka uphenyo kwavela ukuthi umsolwa wesibili omataniswa naleli cala wadutshulwa wabulawa umuntu ongaziwa ngomhla ka-29 June 2026 eqeda kubuya ekhaya evela emsebenzini.
Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169



