Izindaba

Babhadanywe neziyobisi kwathomba okhiye kubasolwa 

Liyah Mseleku

Amaphoyisa abophe abasolwa ababili abatholwe nezidakamizwa emkhankasweni wezivimbamgwaqo eMthwalume izolo.

Amaphoyisa eSAPS, Umdoni Traffic Department, uMzumbe Fire & Rescue, abeqinisekisa ukuthi zonke izimoto ezingenayo neziphumayo eMtwalume ziyaseshwa.

Kwenzelwa ukungabikhona isephulamthetho esizobeka izimpilo zabantu engcupheni kanye nokuqwashisa ngezokuphepha kubagibeli nabashayeli.

Leli thimba ebeliqhaphile limise izimoto ezuwungu-294, kwathi ezingu-50 zatholakala zephule umthetho kwase kuthi abashayeli bazo banikezwa amathikithi.

Kuwona lomkhankaso, iSAPS ibophe abasolwa ababili abatholakele nezidakamizwa ezibalelwa enanini lika-R3000. Laba solwa basazobhekana nengalo yomthetho.

“Siwushayela izandla umkhankaso wanamhlanje njengoba ube yimpumelelo. Siyafisa ukuthi abantu bakhumbule ukuthi lesi sikhathi sikaKhisimusi ngesokujabula kanye nomndeni”

“Ngakho ke asifisi kubekhona abazophuca leyonjabulo ngobudedengu bokwephula umthetho”

“Siyabona iKwaZulu-Natal ilokhu iziqhubezile izinhlelo zokuqwashisa ngezokuphepha ikakhulu emgwaqeni futhi nathi siwuMaspala waseMzumbe sizolokhu sikwenza ukuze abantu bakithi baphephe,” kubeka iMeya yaseMzumbe uKhansela Bongani Nyuswa.

Related Articles

Back to top button