Izindaba

Isililo kufa abagibeli abangu-16 engozini yebhasi

Philasande Luthuli

Kufe abagibeli abangu-16 engozini yebhasi eyenzeke emgaqweni uthelawayeka uN1, eduze naseTouwrivier, ezintatha namhlanje.

Le bhasi ibithwele abagibeli abangu-73 ngesikhathi ilala amankeyane esifundazweni iWestern Cape.

“Abosizo lokuqala basendaweni yesigameko ukuzama ukunikezela ngosizo. Njengamanje izimoto ziyamiswa kudedelwe ezinye njll,”

“Sinxusa abagibeli ukuthi bashayele ngokucophelela kule ndawo, futhi kumele balindele ukubambezeleka njengoba umsebenzi wokukhuculula usaqhubeka,” kusho uMaxine oyisikhulu eWestern Cape.

Okhulumela iRoad Traffic Management Corporation (RTM) uSimon Zwane uthe ngesikhathi kwehla lesi sibhicongo ibhasi ibilibhekise eDutwya, e-Eastern Cape.

“Kusolakala ukuthi umshayeli ubezama ukuvika imoto ethutha izimpahla kanti uzohluleka uluyilawula yase iyagingqika, kulimale abantu abangu-20,” kwengeza uZwane.

Ngokombiko weNews 24 kumanje iRTM namaphoyisa bayaphenya.

Khonamanjalo, kushone umshayeli webhasi kwalimala abagibeli abangu-11 ngesikhathi kuhanjiswa abantu bokufika.

Ibhasi ibisuka KwaZulu-Natal ibheke enkanjini eBeitbridge ukuze bathuthelwe ezweni labo eMalawi.

Umshayeli kuthiwa uhlulekile ukuyilawula ngenxa yokukhathala yase ilala amankeyane, ushone endaweni yesigameko.

Kuzokhumbuleka ukuthi emasontweni amabili adlule iKZN, ikakhulukazi idolobha iTheku lifake isandla ngoxhaso lwamabhasi njengoba abokufika bebenqunyelwe unqamlajuqu wangomhla ka-30 ku-June.

Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169 

Related Articles

Back to top button