
Isililo kubulawa umdidiyeli wamabutho
Sikhulu isililo ngokulalelwa unyendle komdidiyeli wamabutho kaZulu esifundeni iKing Cetshwayo, uSenziwanjani Xulu.
Imithombo yabezindaba iveze ukuthi uXulu uthelwe ngoyaba lwezinhlamvu eziyisishiyagalombili ngesikhathi kune-stop & go emgwaqweni uR34 eMacekayi, okuyindawo ephakathi kweShowe neMpangeni ngoLwesine ntambama.
“Kodwa bafowethu lezibhamu zikhanda liphi izwe ngempela? Ubulala indoda endala kangaka ngesibhamu kubhekwe kuKhisimusi kuyisikhathi semindeni nenjabulo. AbakwaXulu kuzofanele beyilwele lento bethole umnyombo” kukhala uPhakel’mthakathi.
Ngokusho komthombo weSolezwe umdidiyeli ubemile elandela ezinye izimoto, njengoba ziye zime zidedele ezenyukayo kubuye kuvalwe kudedelwe ezehlayo njengoba kulungiswa umgwaqo.
Kuvele kwathushuka abesilisa ababili badedela intululwane yezinhlamvu bebhekise kumufi maqede wadlula kanjalo endaweni yesigameko.
UXulu wazakhela udumo ngokudonsa ngengalo owayengumsakazi woKhozi FM, uNgizwe Mchunu maqede wamkhomba indlela emcimbini owawuseMadlebe, eNkosini uZenzo Zungu eMpangeni.
Ebuzwa ngokwenza waxosha uNgizwe kulo mcimbi, uXulu wathi wayemphephisa emabuthweni ayefuna ukumudla amfele emuva kokuba egxeke amakhosi akhonza ebandleni lakwaShembe.



