
Zukhisimusi ku-Ox ‘ngeyokugcina’ kwaMitsubishi
Sihle Mkhize
Uhleka yedwa umdlali wamaSpringboks u-Ox Nche olule inkontileka yakhe nenkampani yezimoto iMitsubishi Motors South Africa.
U-Nché uzoba ngomunye wabokuqala ukugibela umacekeceke weTriton, lezi zindaba zethulwe eThekwini ezinsukwini.
Lo mdlali ujoyine umndeni wakwa Mitsubishi ngo-2023, emuva kancane nje kokuqukula indebe yomhlaba ngonyaka ofanayo.
Kusukela lapho ke u-Nché ubetetemuka ngeTriton Xtreme.
“U-Ox ungumuntu okufanele ukuba yinxusa okunye usanda kuthengela isihlobo sakhe” kusho uLerato Nonyane, oyiGeneral Manager: Product neMarketing kwaMitsubishi Motors South Africa (MMSA).
Ulandelwa ezinyathelweni uTrevor Nyakane abadlala naye kuma Springboks.
Akusibo kuphela abahlabene ngale ngqayizivele yethuba, kubalwa unozinti weqembu AmaZulu FC, u-Olwethu Mzimela, nomdlali wasesiswini uHendrik ‘Pule’ Ekstein.
Bonke bajoyine u-Nché noNyakane njengamalunga amasha omndeni wakwa Mitsubishi.
“IMitsubishi iphokophele phambili ekwakheni nasekukhuliseni lobu budlelwano, ikakhulukazi njengoba sisembhidlangweni wokuvikela isicoco sendebe yomhlaba”
“Sikholwa wukuthi iNext-Gen Triton yimoto enhle kakhulu nezoqinisa ukusebenzisana ndawonye,” kuqhuba uNonyane.



