EzokungcebelekaIzindaba

UWarras ubulewe abokufika kuleli – Ngqongqoshe

Sane Mseleku

Obengumsakazi weGagasiFM, nowazakhela udumo kwezobuciko uDJ Warras, uduthsulwe wabulawa.

UWarrass (40) nobebuye aziwe kakhulu ngelika Shady Lurka, udutshulwe esenkabeni yeGoli, eHillbrow, ngoLwesibili.

Lesi sigameko senzeke ngesikhathi eyohlola amanye amabhilidi agadwe yinkampani yakhe yonogada.

Kuthiwa inkampani yakhe ibiphinde ilekelele ekukhucululeni kukhishwe labo asebethathe amabhilidi angasetshenziswa ngenkani.

UWarras wayeshayela uhlelo lwantambama kwiGagasi FM phakathi kuka 3 no-6, kusihlwa ebambisene noNomalanga Shozi.

Kumanje amanye amalunga omndeni asendaweni yesigameko kanti kusazanywa ukuqinisekisa imbangela yokuhlaselwa abulawe kwakhe.

UNgqongqoshe wezeMidlalo ubuCiko namaSiko uGayton McKenzie ubhodle emswaneni ngokubulawa kwaWarras.

“Ngidiniwe, futhi ngidinwe kakhulu ukuthi uDJ Warras angabulawa kabuhlungu kanje, ubewumuntu olungile othanda izwe lakhe, kanye nabantu. Ubelikhuluma iqiniso futhi elimela, ngoba ngisho nami njengo Ngqongqoshe wake wangifaka endleleni ngesinqumo ayengahambisani naso”

“Ubengahambisani nokudliwa kwezindawo zakuleli abangaphandle. Ngikhuluma nje ngelinye ilanga samqasha njengoDJ ezodlalela abangaphandle kwenye yemicimbi. Njengoba ngithi ubengayifuni eyokuntshontshwa kwezindawo, ngiyazi futhi nginesiqiniseko sokuthi ubulawe abanye bangaphandle abalapha ngokungemthetho”

“Ngilinde uNgqongqoshe wamaPhoyisa asho ukuthi ubani umbulali. Siyaxolisa kwabomndeni kakhulu, futhi sidiniwe,” usho kanje kwi-etv.

Osaziwayo abahlukene sebezwakalise amazwi enduduzo ezinkundleni zokuxhumana.

“Silahlekelwe endimeni yomsakazo, ulale ngokuthula Warras,” kubhala uPenny Ntuli.

Related Articles

Back to top button