Izindaba

Kushone umshayeli kwalimala abangu-11 begodukiswa

Bahle Mkhize

Kushone umshayeli webhasi kwalimala abagibeli abangu-11 ngesikhathi kuhanjiswa abantu bokufika.

Ibhasi ibisuka KwaZulu-Natal ihambisa abokufika enkanjini eBeitbridge ukuze bathuthelwe ezweni labo eMalawi.

Umshayeli kuthiwa uhlulekile uluyilawula ngenxa yokukhathala yase ilala amankeyane, ushone endaweni yesigameko.

Kuzokhumbuleka ukuthi emasontweni amabili adlule iKZN, ikakhulukazi idolobha iTheku lifake isandla ngoxhaso lwamabhasi njengoba abokufika bebenqunyelwe unqamlajuqu wangomhla ka-30 ku-June.

NgoLwesibili izwe lonke laseNingizimu Afrika liholwa inhlangano yomphakathi iMarch and March belibhikishela abantu abakuleli ngokungemvumo.

Ngakolunye uhlangothi iphele  sekukubi imashi yokuxosha abokufika eMgungundlovu njengoba amaphoyisa evulele isisi esikhalisa unyembezi.

Ngokombiko wabezindaba amaphoyisa abezama ukuhlakaza isixuku ebesifuna ukuzibambela kwabokufika.

Ababhikishi bathe nyawo zami ngibelethe ngesikhathi amaphoyisa ehlakaza isixuku esiqembuke embhikishweni maqede sahamba singena emabhilidini okusolwa ukuthi kucashe kuwo abokufika.

Isixuku besiyingxenye yombhikisho onokuthula obuhlelwe abahlali basehostela eliku-East Street, eMgungundlovu.

Isixuku esidudulane namaphoyisa siqembuke emashini sikhala ngokuthi umbhikisho unokuthula, abaxoshwa abokufika.

Ngaphandle kwalezi zigameko akukho okunye okushaqisayo okubikiwe.

Umsunguli weMarch and March uJacinta Ngobese-Zuma ubonge bonke abantu abebephume ngobuningi babo ngesikathi ethula I memorandum esiteshini samaphoyisa ePoint nalapho bekukhona izikhulu zikahukumeni neMeya yeTheku.

Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169 

Related Articles

Back to top button