
Usesibhedlela uMajor General Khan ohlaselwe izinkabi
Usinde ngokulambisa edutshulwa uMajor General Khan eHoughton, eGauteng, ngeSonto ebusuku.
Kuzokhumbuleka ukuthi uKhan usematheni njengoba kumele avele kuMadlanga Commission ngoLwesithathu.
Nokho kuthiwa usinde ngokulambisa njengoba engeniswe eMilpark Hospital.
Kubikwa ukuthi ubeshayela kuThird Avenue, eHoughton, ngesikhathi oshayasibhamu behamba ngeMercedes Benz emhlophe beza kuye bemhlasela.
UKhan ubebuyela ekhaya lakhe eliseduze nendawo yesehlo ngemuva kokubuka ibhola lapho bekudlala khona iBafana Bafana neCanada.
Abezimo eziphuthumayo baphuthume endaweni yesigameko uKhan watguthelwa esibhedlela, wathola ukuhlinzwa okuphuthumayo.
Imbangela yalokhu kuhlasela ibingakaziwa, kanti amaphoyisa aseqale uphenyo.
Umbutho Wamaphoyisa aseNingizimu Afrika uthi: “Ubheka noma yimiphi imizamo wokusabisa, ukuthulisa noma ukuhlasela noma yimuphi umuntu othinteka enqubweni yezokwahlulela ngendlela ebucayi kakhulu futhi noma yimuphi umzamo wokuphazamisa ukuphathwa kobulungisa noma umsebenzi wekhomishini uzobhekana nengalo yomthetho.”
“Abaseshi bazolandela ubufakazi noma kuphi lapho buholela khona,” kusho amaphoyisa esitatimendeni.
NgoMeyi 2026, uKhan waboshwa kanye nenhloko yoKlebe eGauteng, uMajor-General Ebrahim Kadwa ngamacala ahlobene nezinsimbi eziyigugu.
UKhan ujoyine uMbutho Wamaphoyisa aseNingizimu Afrika ngoSepthemba 2021 futhi wakhuphuka ngokushesha wathola izikhundla eziningi eziphezulu. Umsebenzi wakhe uzungezwe izingxabano ezinyangeni ezedlule.
Isolezwe
Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169



