Izindaba

Kubhadanywe inqwaba yaseMalawi ishushumbiswa kuleli

Liyakhiza Mseleku

Kubukeka luselude ukhalo ekunqandeni ukungena kwabantu bokufika kuleli.

NgoLwesine ebusuku kuutholwe iloli lithutha inqwaba yabantu abangena eNingizimu Afrika ngokungemthetho besuka eMalawi.

Kwenzeke lokhu ngesikhathi kunesivimbamgwaqo ku-N3 eMooi River KwaZulu-Natal.

Kubanjwe amaloli amabili abathwele inqwaba yabantu okubalwa kubo abesifazane nezingane, ngemuva kokuthi abashayeli bezame ukubalekela amaphoyisa bengena emahlathini.

Kuso lesi sivimbamgwaqo ebesifakwe uMnyango wezokuThutha, ukuqashwa nabasebenzi noMnyango wezaseKhaya.

Kukuboshwe nabasebenza njengabashayeli bamaloli kuleli.

Iziphathimandla zithi le mikhankaso izoqhubeka esifundazweni sonke.

Bekuhamba phambili uDeputy Minister wakaLabour uJomo Sibiya, Deputy Minister wakaHome Affairs uNjabulo Nzuza, Deputy Minister wakaTransport uMkhuleko Hlengwa kanye neMayor yaseMpofana Municipality

Kwenzeka lokhu nje uMengameli uMnuz Cyril Ramaphosa, usanda kwethula inkulumo yesizwe, ecacisa ngezinhlelo uhulumeni onazo ukuqinisekisa ukuthi bayabhekana nenkinga yabokufika abakuleli ngokungemthetho.

UNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnuz Firoz Cachalia, esithangamini sabezindaba, udalule ukuthi uMnyango wamaPhoyisa usubeke uR600 million, ukubhekana nosuku lwangomhla ka-30 kuJune, njengoba kunabathile abasola ukuthi kungase kube nodlame.

Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169 

Related Articles

Back to top button