
Amaphoyisa anxenxa abamatekisi ngomhla ka-30 June
Sihle Mkhize
Izikhulu zeSouth African Police Service (SAPS) zibambe inguyazana yomhlangano ophuthumayo neSouth African National Taxi Council (SANTACO), uMnuz Abner Tsebe nobuholi bale mboni.
Lokhu kuza njengoba kubalwa izinsuku kushaye umhla ka-30 June owomgamlajuqu wokuxoshwa kwabantu bokufika abangenamaphepha kuleli.
Amaphoyisa athi inhloso enkulu bewukuthi bakhulume nabo ngqo ngenxa yeqhaza abalibambayo emnothweni wakuleli.
“Sibanxenxe ukuthi bame nathi ukugcina umthetho, sibacele ukuthi basebenzise izwi labo ukuqinisekisa ukuthi imboni yamatekisi ayibi yingxenye eletha udungunyane kuphazamiseke nomnotho kuphazamiseke nabagibeli,” kusho isitatimende.
Baqhube bathi imboni yamatekisi ingumgogodla yezithuthi Ezomphakathi eNingizimu Africa.
“Nsuku zonke amamillions abantu bathembela ematekisini ukuya emsebenzini, ezikoleni, ezibhedlela nezindawo zokusebenza. Yingaleso sizathu ke sinxusa kubanikazi bamatekisi nabashayeli ukuthi lolu suku lolu suku lwango mhla ka-30 luqhubeke lube usuku olujwayelekike okusebenza,” kuqhuba isitatimende.
Sikhuluma nje, ibamba likaNgqongqosehe wamaPhoyisa kuzwelonke uDr Firoz Cachalia umemezele ukuthi kukhishwe isamba semali engango R600 million ukubheka ngqo nosuku lwango mhla ka-30 June.
Umgqugquzeli weMarch and March uJacinta Ngobese-Zuma obekhuluma nabezindaba eMidrand, eGoli izolo ukugcizelele ukuthi akunazinhlelo zokubulawa kwabantu bokufika kodwa ukumasha.
Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169



