
Usezobathola kahle uXolani esemsulwa emacaleni
Bahle Mkhize
I-Palm Ridge Magistrate Court ithole uXolani Khumalo engenacala kuwona wonke amacala abebekwe wona.
UKhumalo ubebekwe amacala amabili, elokushaya ngenhloso yokulimaza kanye nelokukhomba ngesibhamu.
Kuzokhumbuleka ukuthi uKhumalo ubengaphandle ngebheyili ka-R20 000.
Sikhuluma nje usengokhululekile njengoba imantshi imthole engenacala.
Isigameko esanqinda amandla uKhumalo emsebenzini owawuthokozelwa abaningi senzeka ngo-2023.
Wasolwa ngoku “xoxa” noRobert “Rick’s” Varrie (49) owayesolwa ngokushushumbisa izidakamizwa.
Wabe esephuthunyiswa esibhedlela nalapho wafike waphelela khona.
Idolobha laseGoli lisanda kuhlanganisa isibophezelo sokusebenzisana noXolani Khumalo.
IGoli libhekene nobugebengu obuphezulu okuhlanganisa ukudayiswa kwezidakamizwa, ukuchanasa kwabantu bokufika abangenawo amaphepha, ukishushumbiswa kwabantu nobugebengu jikelele.
Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169




Iqembu i-ActionSA ikhiphe isitatimende ithi selokhu yameseka zisasuka uKhumalo ophakanyiswe kwesukuba iMeya yase-Ekurhuleni
Ithi leli cala belinenhlese ezepolitiki kulabo abazibandakanya nomkhoshosho wezidakamizwa ezibulala intsha yakuleli.
“Ngesikathi bebona ukuthi bayehluleka enkantolo baqinisekise ukuthi uchitha isikhathi esiningi egqigqa ezinkantolo kunokuba alwe indaba yezidakamizwa,”
“UKhumalo manje uzobhekana nomkhankaso wokugaqela isikhundla sobuMeya aqede izidleke yezidakamizwa,” kusho isitatimende.