
Ligaya ngomunye umhlathi Uzalo ludla umzila ngo-8:00 pm
Liyakhiza Mseleku
U-8:00 pm kwithelevishini kuSABC1 ngake usafana kwizigidi zabantu baseNingizimu Africa abasuke belindele ukubuka iGenerations: The Legacy.
IGenerations yayidle umzila ka-8:00 pm eminyakeni engaphezulu kwengamashumi amathathu njengoba selizogaya ngomunye umhlathi manje.
Izinguquko ezenziwe uSABC uyayisusa iGenerations uyiphushela ku-8:30 pm bese kuthi umzila wayo udliwe intandokazi kwabaningi Uzalo kusukela ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu.
Lesi simemezelo sithuse abaningi njengoba kungabuzwa ukuthi sizophuza ukujwayelela.
USABC 1 wona uthi amaphaphu phansi abakwenzi lokhu ngoba benyefisa iGenerations esizakhele igama kuthelevishini.
Kunalokho yiqhinga, elizokwazi ukugcina yomibili le midlalo ethandwayo ihlale iyinto ephezulu ekhekheni.
U-Ofentse Thinane oyinhloko yamashaneli kuSABC 1 uthi Uzalo neGenerations: The Legacy bagabe ngabo esiteshini kusihlwa.
“Uzalo neGenerations babambisene kusihlwa futhi bazohlezi bela befuneka khona enhliziyweni yeSABC1 kusihlwa” usho kanje.
Lezi zinguquko zizoqala mhla ka-27 July.
Kusukela ngoMsombuluko ngawo umhla ka-27 July phakathi nesonto izinto zimi kanje:
- 7:30 pm: “Skeem Saam”
- 8 pm: “Uzalo”
- 8:30 pm: “Generations: The Legacy”
USABC uqinisekise ukuthi ezinye izinhlelo ezengeziwe zizomenyezelwa ngalo usuku olukhulu.
Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169



