Ezokungcebeleka

Kuhlabene uMkhize kwi-Ilembe Mtelebhelo Festival

BELINYUKILE izinga kwi-Ilembe Mtelebhelo Festival ebidlise  ngamahhashi atelebhelayo nomculo entabeni iKhenana edume ukusetshenziswa amakholwa ebandla lamaNazaretha adume ngoShembe.

Abahleli balo mtelebhelo bebambisene nabaxhasi iHollywoodbets banyuse izinga kakhulu kulonyaka, njengoba imikomelo ekhishiwe ibicela ezinkulungwaneni ezingamashumi ayisishiyagalombili (R90 000).

Umtelebhelo nomjaho ubuhlukene izigaba ezinhlanu kanti umjaho wabesifazane abasebancane, obunesiteki sika-R17 000, udonse amehlo abaningi.

Intokazi yaseMzinyathi uNokubonga Zondi nguye obe ingqwele. Umjaho omkhulu wosuku unqotshwe insizwa yaseZululand District uPlaza Mkhize nobegibele ihhashi uShangane.

UPlaza kubikwe ukuthi ushiye umjaho wangakubo obukhona namuhla kodwa wazongenela owaseLembeni.

Ngaphezu kwemiklomelo kugqame nokuhleleka komcimbi kushiye izihambeli zibambe ongezantshi ngohlelo olusha oluthuthukile.

Kube nedili likamkhipheni ababehambele lo mcimbi bazitika ngomculo kunandisa oDJ Nzwiri, intokazi enezwi elimtoti uZinhle “Kasie Queen” Madela, omaskandi uMahostela bashukumisa inkundla.

Lo mcimbi obungempelaaonto ubuhanjelwe nawu Sekela mphathiswa woMnyango weNgqalasizinda nokusebenza kuka Hulumeni (Department of Public Works and Infrastructure Development) uMnuz Sihle Zikalala.

Ngenkathi ebuzwa ngokuhambela lo mcimbi ukubeke kwacaca ukuthi imidlalo enjenga lena kumele ixhaswe ngezimali ukuze likhule izinga layo lifane naleyo eyenzeka kwezinye izindawo njengo Dundee July.

Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169 

Related Articles

Back to top button