Ezezimoto

IJetour iyikho konke okudinga emotweni yesimanje

Sihle Mkhize

Kule mpelasonto esiphuma kuyona ngithole ithuba elingqayizivele lokushayela ingqovungqovu i2024 Jetour X70 Plus.

Benginqamula edolobheni iNewcastle nakwiDundee July 2026.

La ngiyizwe kahle khona ubuyona yingesikhathi ngisuka la bengilele khona ehhotela iNewcastle Inn ngibheke eThekwini.

Okokuqala nje uma uciphaza ibhathini kuba ukuduma isilungela indlela  kodwa qinisekisa ukuthi ukhiye useduze.

Uma ungazi ungawudlula nasedleleni kwalowo khiye ngoba usambulungana uwufumbatha ngesandla ungabonakali.

Le SUV kube ziyasuka izokudida ngescreen asingu10.25-inch ubude, wenza yonke into oyifunayo ephathelene nobuchwepheshe besimanje ezimotweni.

Izihlalo ezesikhumba esimnyama kanti noma ngabe uyisidudla noma is’lenda amabhathini asesicabheni kumshayeli ayakusiza ukuze uhlale ngokunethezeka kube sengathi yakhiwe uhlezi phakathi.

Ngiyithande ngoba ikwazile ukuhlalisa abantu abayisikhombisa ngokukhululeka kanti nasebhuthini sizifake ngokungesabi izikhwama ezinkulu impela.

Istamkoko (sunroof) esiyintandokazi egengeni encane sikhona, isibhakabhaka usibona ungaphakathi yona ibe ihuba.

Umhlola ngalezi zimoto wukuthi lo-120 km/h okungamele uweqe uthuka usuweqe kancane isithi u-125 km/h angithi ayizwakali nhlobo ibhalansile injalo ngoba ishaya ngo-235/55 R19 wamathayi ephuma nayo egaraji.

Ngigudla ku-N11 bekumshubo kanti siyashesha nokubamba amabhuleki isilwane somhlola.

Ithangi lalo mshini ozishintshayo (automatic) lingu-1.5 turbocharged injini ekapetrol.

Ngiyizwe kahle, ngingasho ukuthi impela amaShayina awudlile umzila embonini yezimoto ngoba akukho ongakhala ngakho kanti nentengo yeJetour ayimemezi.

Amanani aqala kuR444, 900 ize ifike kuR494, 900. Okuhle iphuma ne5-year/60,000 km service plan ne5-year/unlimited km warranty.

Umnikazi wokuqala kuyo uthola iwaranty ka10-year/1,000,000 wenjini.

Ngendlela ehlakaniphe ngayo iJetour  uyakwazi ukukhuluma nayo uyitshele ukuthi ayivule/ivale sunroof, amawindi, nenavigator uyitshele ukuthi kuyiwa ngaphi nokunye okuningi.

Kungaphela u-ink uma ngingathi ngiyaqhubeka ngokubhala ngayo engingakusho nje ulozolo.

Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169 

Related Articles

Back to top button