
Abe-Ilembe Mtelebhelo Horse bathembisa lukhulu kulo nyaka
Kuzobe kungunyaka wesibili lo mqhudelwano wamahhashi uhlelwa kule ntaba edume ngokukhonzela amakholwa ebandla lakwaShembe njalo ngoJanuary.
Alibanga lukhulu isasasa izinga ngonyaka odlule ngenxa yezingqinamba eziningi kodwa abawuhambela umjaho bakuveza ukuthi bakuthokozela ukubona amahhashi egabavula kwashunqa uthuli.
UNobhala we-Ilembe Mtelebhelo Horse Association uNksz Thandeka Khuzwayo uthe konke sekumi ngomumo.
Wathi lo mjaho bafuna ube sezingeni lemijaho efana nalowo obizwa ngeDundee July, kodwa abakubheke kakhulu ukuthuthukiswa komnotho wakule ndawo esesabelweni.
Uqhube wathi okubajabulisayo wukuthi osomabhizinisi abakhele lendawo bazohlomula kakhulu ngokudayisa ukudla njengoba zingekho izitolo entabeni.
Umeme nalabo abaziphilisa ngokudayisa izinto zokugqoka zeSintu ukuba bafike ngobuningi babo ngoba bazolala kukhona abakucoshile.
Enanela ngokuthuthuka kwezomnotho okuzodalwa ilomjaho uKhansela Nzuzo Chamane uthe bona njengoMkhandlu bazotshala izimali zokuqinisekisa ukuthi izinga liyanyuka kakhulu.
Ubale ezikuthutha, ezikaqeda isizungu, ukudla, nokunye okuzobe kwenziwa kuzobe kuyela ezingeni leDurban July
UMnuz Zwelibanzi Cele noyiMeneja yeYouth Art Culture and Sport kuMasipala iLembe unxenxe abantu abakhulele kule ndawo yaseNdwedwe asebahamba ukuthi babuye bazoxhasa lomjaho babambe neqhaza kwezomnotho.
Uqhube wathi osomabhizinisi abathenge amahhashi ukuze kuthi labo abaphumelelayo baqhubeke bayomela lo Mkhundlu kweminye imijaho ebanjelwa kwezinye izindawo besebenzisa amahhashi abo uqobo.
UNkk Khuzwayo uvale ngokuveza ukuthi bazomemezela inani lemihlomulo uma sebeqede izingxoxo nabaxhasi.
Uthe ompetha banyakenye njengoShayizandla owanqoba esigabeni sabesifazane, u-Abantu Abakholwa owanqoba umjaho omkhulu wosuku, bazobuya bezovikela ubungqwele babo.
Wethembise nokuthi ubumnandi buzobe buhamba phambili njengoba bebophele ulozolo lwamaciko azodansisa izivakashi.
Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169



