Izindaba

Iminyaka ejele owadlwengula wakhulelisa odadewabo (2)

Aphelele Cebekhulu

Ugixabelzwe ngesigwebo seminyaka engu-15 ebhadla ejele owesilisa owadlwengula odadewabo ababili wabakhulelisa.

Lesi sigameko senzeka eminyakeni engaphezu kwa-30 eyedlule kanti nezingane ezazalwa sezakhula zaba izinsizwa.

Ngesikhathi izisulu zidlwengulwa zazine minyaka engu-10 kanti umenzi wobubi wayeneminyaka engu-29  njengoba leli cala selimgweba eseyikhehla elineminyaka engu-62 ubudala.

IPhuthaditjhaba Family, Child Protection and Sexual Offences (FCS) Unit, ibambisene neNational Prosecuting Authority (NPA), yiyo egojele lo madala.

Kuvele ukuthi kusukela ngo-1993 abagilwa babelokhu bedlwengulwa bephindelelwa nakuba udaba lalubikwa kwabadala kodwa linyathelwa ngezinyawo.

Abazali babagilwa babengabantu abahlala ngokugula.

Bagcina bekhulelwe abagilwa bobabili babeletha izingane zabafana namhlanje esezingamadoda.

Ngokwesitatimende samaphoyisa omunye wabagilwa washona ngo-2010, lo omunye ophilayo oneminyaka engu-48 manje owuthisha waqhubeka nokondla laba bantwana.

Ubelokhu ethola ukwelashwa ngokwengqondo ePitoli nalapho kwaqhuma khona ithumba kwabosizo lwezempilo.

Kwabe sekubikelwa amaphoyisa kwavulwa icala zakhala.

Kuthe ngoMsombuluko lamlahla icala umsolwa, igama lomsolwa ligodliwe ukuvikela izisulu.

Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169

Related Articles

Back to top button