
Kuhlobe izitaladi kumviliyelo weDundee July 2026
Sihle Mkhize
Kume yonke into ezitaladini zasedolobheni eDundee abasebenzi basezitolo baphuma ngaphandle bebuka umviliyelo owandulela iDundee July 2026.
Abagibele amahhashi, izithuthuthu, amatshitshi, onobuhle bahlobise leli dolobha ngobuhle nomsindo wezimoto.
Kuzokhumbuleka ukuthi kulo nyaka iDundee July ihlanganisa iminyaka engu-21 yasungulwa kanti ingqikithi ithi Elegantly African-Ku Lit.
Kulo mviliyelo bekuhamba phambili uNgqongqoshe wezeMidlalo, ubuCiko, namaSiko uMntomuhle Khawula kanti neMeya yakuMasipala waseNdumeni uMcebo Mkhize ubephithizela.
UMkhize ube esemukela izihambeli emagcekeni ekuMasipala waseNdumeni.
Kube sekuqala umcimbi, kuvule iqembu lomculo wesiCathamiya iZulu Massengers. Usomahlaya uGab noMasalad nabo benze abadume ngakho bededela amahlaya.

UT’zozo naye akazibekanga phansi wangena esteji wajabulisa izihambeli wabonga.
“Leli thuba ningalibuka lilincane ngoba liwusuku olulodwa, kunamaCiko ahlala unyaka wonke kuze kube iDundee July,”
“Siyafisa kube nezinto ezinje ezenzekayo ukulungiselela lolu suku ukuze kube khona abahlomulayo. Asebetholile badedele abanye nabo bathole. Yileso nje isicelo sami,” kugoqa uT’zozo.
UKhawula ekhuluma esteji ubonge bonke abantu.
“Lo mcimbi kumele ukhule unyaka nonyaka, ungomunye esizigqaja ngawo. Izolo bekunosomahlaya namhlanje (Lwesihlanu) sibe nomviliyelo, ntambama sizobe siyibhika nabaculi baMaskandi eSibongile.

Kulo nyaka sibalelwa ku-R2.5 million isiteki.
Kuchwaze iNdumeni sekungena uDladla Mshunqisi enza adume ngakho, kulandela nenqwaba yamaCiko estiji.
Umcimbi omkhulu womtelebhelo wamahhashi ungoMgqibelo kusukela emini.
Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169



