
Uboshwe engazazi unguthisha noma uDokotela ‘umngani’ kaDuma
Sihle Mkhize
Ayoyixoxela amagwababa echobana amaphoyisa omgwaqo iRTI, eNewcastle, KwaZulu-Natal edlala owesilisa obedakiwe egqoke igown yokulala emhlophe.
Ngendlela abedakwe ngayo uzibize ngoDokotela waphinde wazibiza nothisha, kusenjalo wezenza umuntu owubhululu kaNgqongqoshe uSiboniso Duma.
“UDuma kumele anixoshe aniboni ukuthi nihlukumeza udokotela esemsebenzini?” kubuza lo wesilisa nobengazi ukuthi ungubani igama lakhe.
Uthe uma ebona ukuthi amaphoyisa akamshayi ndiva kulokhu abekusho kunalokho amane abukana aphela indakazo.
Ngokukhulu ukudinwa: “Ningihlekani, iziguli zami zingilindile nina nazi ukugigitheka la” kubhoka ngolaka lo mshayeli.
Abakwasidlodlo bazehlisile kuye baxolisa. Ube esecela ukuhamba ngaleso sikhathi lo mshayeli.
“Aningiyeke ngihambe, anginaso isikhathi sokudlala izikole ziyavulwa ngesonto elizayo kumele ngiyolungisa”
“Ngale kwalokho abafundi bami bazofeyila kujike kube yinina enikhonondayo. Angazi ukuthi ningabazali abanjani,” kuqhuba yena.
Idide wonke umuntu le nkulumo njengoba ubesezibize ngoDokotela washintsha waba uthisha kucaca ukuthi izinga lokudakwa liphezulu.
Ubuziwe ukuthi uyikhona kuphi kulokhu asekubalile uphendule ngokuthi uwuthisha, wabuza amaphoyisa ukuthi ayawazi umehluko?
Ufune umakhalekhukhwini wakhe ngodli ethi ufuna ukubaceba kuDuma.
“Hello mngani wami Duma, ngithemba usayijabulela imidlalo yeNdebe yoMhlaba,” sekukhuluma utshwala.
Kumanje zimkhalele lodokotela/thisha.
Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169



