Ezokungcebeleka

Unyule isigubhukane umsakazi weGagasi FM

Liyah Mseleku

USHIYE isigubhukane umsakazi weGagasi FM uThandi “Zisto” Mhlongo obeshayela uhlelo lwantambama phakathi nezinsuku.

UZisto ubeshayela iFast Lane ngokubambisana noSphectecular noNaves abashaye ibuya bekade bechithwe iMetro FM.

Ukugqashuka kwefindo phakathi kwalo msakazi neGagasi kudalulwe yiwona lo msakazo ngesitatimende abasithumele.

UZisto esitatimendeni ubonge ithuba elingandele bani alinikwe yilo msakazo osuzinze eCornubia. Uphinde wabonga nothando abalaleli beGagasi abamnike lona kule minyaka ekulo msakazo. Noma kunjalo akasidalulanga isizathu sokushiya kwakhe nokuthi ulibangisaphi.

“UZisto ujoyine lo msakazo ngo-2017, uqoke ukungayivuseleli inkontileka yakhe ephela ngoMsombuluko mhla ka-31 March 2025,” phakathi kokunye okusesitatimendeni.

Okunye okugqamile esitatimende ukuthi abaphathi balo msakazo bamfisele okuhle kodwa uZisto kwinqubekela phambili yakhe.

Njengoba kuzoqala u-April maduze nje nawo lo msakazo njengeminye kulindeleke ukuthi umemezele izinguquko zawo.

Ngakolunye uhlangothi emsakazweni uKhozi FM seluzenzile izinguquko lashiya ngaphandle igama likaSiya Mhlongo.

Alibizwanga nhlobo igama lalo msakazi ngesikhathi kumenyezelwa izinhlelo ezintsha.

Isikhala sikaMhlongo sizovalwa uNkosinathi Mshengu phakathi kwa 8 pm-12 am kusukela ngoMsombuluko kuya kuLwesine.

Kuzokhumbuleka ukuthi uMhlongo ubhekene necala lokushaya ngenhloso yokulimaza owesilisa “oyisinqandamathe sakhe”.

Leli cala selidlulele esigabeni sokuqulwa nokuphakanyiswe umhla ka-25 April kulo nyaka.

Related Articles

Back to top button