
Kuwe umuthi omkhulu endimeni kushona uSeputla
Liyakhiza Mseleku
Kuwe umuthi omkhulu endimeni kaqeda isizungu ikakhulukazi kuthelevishini kushona umlingisi uSeputla Sebegodi (63).
Abaningi bazomkhumbula elingisa kwiGenerations enguKenneth Mashaba owayeshade nonkonkosikazi owayemncane uDeneo.
Umndeni kaSeputla usuqinisekile ukuthi lolu qweqwe lomlingisi alusekho emhlabeni lushone ngoLwesithathu.
“Siwumndeni kaSeputla siyakuqinisekisa ngokukhulu ukudabuka ukudlula emhlabeni kwaSeputla. Ushona nje ubenenkinga yezifo ezihlobene noshukela,”
“Umndeni ucela ukuthi uhlonishwe njengoba usazilile futhi usafuna ukubhekana nalesi sikhathi esinzima,” kusho isitatimende.
Muva nje ubekwiScandal, kanti udlale indima enkulu kwimidlalo yakuthelevishini okuhlanganisa iSurbuban Bliss, Bophelo ke Semphego, Redemption neminye eminingi.
Ubengagcini nje kwithelevishini njengoba nakwimidlalo yasesteji ubenegama.
Phakathi kwayo kuhlanganisa iBig Dada, Waiting for Godot, The Rivonia Trial, Once a Pirate, Mooi Street Moves ukukha nje phezulu.
Ushona nje usanda kuba sematheni kuvela isithombe sakhe ezinkundleni zokuxhumana kucaca ukuthi usedla imbuya ngothi.
Waphumela obala washo ukuthi leso sithombe sithathwe kwenye ifilimu eyayishuthwa akusona isimo sakhe sempilo njengoba evela esithombeni.
Kulindeleke labo asebeke basebenza naye bazwakalise amazwi enduduzo kwazise lezi zindaba zisezintsha.
Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169



