EzokungcebelekaTV

Umsakazi eziqeshini zocansi ezikushiya umangele

Liyah Mseleku

Kuphuzwa ngaye itiye usomahlaya ophinde abe ngumsakazi osanda kujoyina iVuma FM, uCeleste Ntuli, olingisa indawo kaMaQwabe emdlalweni iThe Polygamist kwiNetflix.

Lolu chungechunge seluphenduke olunye lwezinhlelo olukhulunywa ngazo kakhulu kulandela iziqephu zocansi, izingxabano zemindeni kanye  nezothando ezigcwele izimfihlo.

Ababukeli bashaqeke kakhulu ngeziqephu ezithinta amalungu omndeni wakwaGomora, nokudlala phambili kwaSdumo Mtshali olingisa indawo kaJonasi onesithembu.

Kukhona isiqephu lapho khona uMaQwabe ebanjwa oqotsheni neshende endlini umyeni uJonasi.

Lo wesifazane abuze umyeni wakhe ukuthi ubekephi ngoba le… ekhomba inanazi ayiyidli ipapa futhi avume ukuthi lo mfana omncane abhadanywe naye umkitaza kwamnandi.

Usuke esho kanje ebhoka ngolaka endlini.

Abanye bathi lo mdlalo ubungalindelekile futhi ubenze bangakhululeki, kanti abanye bathi wuhlobo lomdlalo olugcina abantu bethe njo kumatheleveshini ngoba lukhuluma ngempilo yemihla ngemihla.

Ezinkundleni zokuxhumana abanye babuze ukuthi ngabe ababhali bomdlalo abeqi yini imingcele emizamweni yabo yokugcina izethameli zithakasela lolu chungechunge?

Omunye ubhale wathi: “Isiqephu ngasinye se-The Polygamist singishiya ngingasakwazi ukukhuluma. Ababhali balo mdlalo abesabi lutho,”

Omunye ubhale wathi: “UCeleste Ntuli usikhombisa ukuthi akayena nje usomahlaya kuphela, ikhono lakhe lokulingisa liyamangalisa,”

“Uthanda noma ungathandi kodwa abadlali bawudlala ngendlela esezingeni eliphezulu. Wonke umuntu ukhuluma ngawo,”

Leli gidigidi livela njengoba iThe Polygamist iqhubeka nokudonsa amehlo ngenxa yendlela eveza ngayo ukushendezana nokugcina ngokuthelelana ngezifo zocansi.

Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169 

Related Articles

Back to top button