
Ubizwa ijele uJub Jub ozovela ngoLwesithathu
Uzovela okokuqala eNkantolo yeMantshi yaseGermiston ngoLwesithathu uMolemo ‘Jub Jub’ Maarohanye.
Kulalwe ngeSonto igama lakhe lingundaba mlonyeni emuva kokuzwakala ukuthi uboshiwe.
Okuvelile wukuthi uzobhekana necala lokuthumba, ukuphazamisa ukusebenza kwengalo yomthetho nokuqhumisa isibhamu ngokungemthetho.
Okhulumela amaphoyisa u-Athlenda Mathe uthe kusolakala ukuthi uMaarohanye uxabane nomshayeli wemoto ekhokhelwa ngebanga elihambile e-Edenvale.
“Kusolakala ukuthi ngezithuba zabo-07:30 ekuseni, umshayeli we-e-hailing uhambise owesifazane e-Edenvale ngesikhathi ehlangana nomsolwa, emsola ngokushendezana nentombi yakhe,”
UJub Jub kuthiwa uphoqe umshayeli we-e-hailing ukuba angene emotweni yakhe ahambe.
Ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko umsolwa kubikwa ukuthi ukhiphe isibhamu ebhekise kumshayeli akuveli noma udubulile noma cha.
Ngenhlanhla umshayeli we-e-hailing ukwazile ukubaleka engenamyocu waphuthuma esiteshini samaphoyisa esiseduze eyobika okumehlele” kusho uMathe.
UJub Jub akaqali ukuphambana nomthetho, kuzokhumbuleka ukuthi wagwetshwa iminyaka engu-25 ebhadla ejele.
Wayegwetshelwe isigameko sokubulala izingane kudlalwa ngezimoto go-2012, kodwa inkantolo yayinciphisa kwaba iminyaka eyishumi emuva kokufaka isicelo sokubuyekezwa kwesigwebo.
Wagcina ephume ngeparole ngoJanuary 2017.
Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169



