
Kutholwe isidumbu emqashweni sinqunywe uqhoqhoqho
Ushaqekile umastende ethola isidumbu sowesifazane sinqunywe uqhoqhoqho emqashweni wakhe.
UMarchein Tlou (37) waseHlalanikahle e-Unit 4, eWitbank (eMalahleni), eMpumalanga utholakale eshonile emqashweni ebekuqashe kuwo indoda yakhe.
Ngokombiko weLawu Lezindaba amaphoyisa athole isidumbu sakhe simbozwe nge-duvet.
Besinenxeba lokusikwa emqaleni, kulesi gameko kube sekuboshwa indoda yakhe eyaziwa ngoMpilo Sibiya.
Kubikwa ukuthi lendoda yayingaphandle ngebheyili ngecala elihlukile lokuhlasela umufi ngaphambilini.
Umastende uthola lesi sidumbu nje ubezohlola isimo senhlalo emuva kokubona lo mlisa engaphenduli uma ekhuluma naye ocingweni.
Kuthe uma enikela khona wazithela phezu kwalesi sidumbu, kanti indoda ibe isiboshwa ngokuhamba kwesikhathi.
Khonamanjalo iPurpose ngo-April kulo nyaka ibike ngesihluku nonya kumama (25) wezingane ezimbili azizalayo azibulale ngesihluku eNewcastle, KwaZulu-Natal.
Nokho, kuthiwa ugcine eboshiwe ebhace esihlotsheni ebhandishile emqaleni njengoba kuthiwa naye uzame ukuzibulala.
Lo mama uzibulale ngesihluku lezi zingane ngokuthi azinqume uqhoqhoqho zafa.
Endala ingane ininyaka eyisihlanu bese kuthi encane ibe nezinyanga ezingu-9.
Kuthiwa emuva kokugila lomhlola ufonele ubaba wabantwana, ohlala eThekwini ngenxa yomsebenzi emtshela ukuthi wenzeni.
Uthuke koma nasozwanini uyise wabantwana ethola lezi zindaba wasefonela isihlobo salona wesifazane wasicela ukuthi siyobheka endlini.
Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169



