Izindaba

Amafayela kwabahambela ngemuva uJacinta emhlanganweni

Liyakhiza Mseleku

Umhlangano phakathi kwa Phakel’mthakathi, Ngizwe Mchunu noMengameli uCyril Ramaphosa wahlelwa kusasele isonto wenzeke futhi nabo babekwazi lokho.

Lezi zindaba zivezwe yiGhost Lady kwiPodcast and Chill eshayelwa uMcG.

Lokhu kuphenya izinqa uPhakel’mthakathi oze wabiza ithimba labezindaba njengoba bese kuqubuke imibuzo ukuthi kungani umsunguli weMarch and March uJacinta Ngobese-Zuma engamenywanga.

“Bekumhlangano oyimfihlo, ngaze ngawo ngesonto eledlule wusuku kuphela obelingaqinisekisiwe. Kwakunezingxoxo eziqhubekayo ukuthi uzoba nini ngempela,”

Ebuzwa uGhost Lady ukuthi uJacinta ukuphi kuyona yonke lento?

UGhost lady uphendule ngokuthi yiwona mbuzo omkhulu lowo ngoba naye uthi ubone ezinkundleni zokuxhumana njengowo wonke umuntu.

Uthi uPhakel noNgizwe abesemhlanganweni.

UPhakel’mthakathi ubize isithangami sabezindaba ngoLwesithathu ukuchaza mayelana nomhlangano okwavela yena kuwo noNgizwe Mchunu.

“Awukwazi ukuthi uma ubizwe emhlanganweni bese nawe umema omunye umuntu. UMengameli ukuba weyefuna ukumema uJacinta wayezomfonela. Mina ngafonelwa kusukela emini nginqaba ngithi kungani uMengameli engasho lokho afuna ukukudlulisa kunokuthi ngiye kuye,”

“Okunye okumele nikwazi  wukuthi ngendlela engimhlonipha ngayo uMengameli ngangihamba nomfana wami kodwa ngamshiya emotweni angivumanga ngisho nokuthi athathe izithombe noMengameli,” usho kanje kwabezindaba.

Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169 

Related Articles

Back to top button