
Ifu elimnyama kubhubha (6) engozini yezimoto eKZN
Sindiswa Nxumalo
Isifundazwe saKwaZulu-Natal sigubuzelwe yifu elimnyama kulandela ukushona kwabantu abayisithupha engozini ku-R34 kuMemel Road, ngaseNewcastle, ngeSonto ntambama.
Kugqamuke amalangabi ngesikhathi izimoto ezimbili zohlobo lwe-VW Polo zitholanna phezulu.
Le ngozi enyantisa igazi yenzeke phakathi kuka-15h30 no-16h30 ntambama.
Ngokombiko woMnyango wezokuThutha namaphoyisa ophiko lwe(RTI), enye yezimoto ibambe umlilo ngenxa yokushayisana.
Kukholakala ukuthi abantu ababili babhajwe ngaphakathi emotweni evuthayo bashonela endaweni yesigameko.
Iziphathimandla zithi isibalo sabashonile singashintsha njengoba iSouth African Police Service (SAPS) isazoqhubeka nophenyo lwezobunhloli.
Le nhlekelele yenzeke kungakapheli nesonto kwenzeke enye ingozi embi emgwaqeni u-R612 ngaseHighflats, lapho kushone khona amalungu amathathu omndeni wakwaMsomi kanye nomsizi wawo ngemuva kokushayisana kwemoto yabo neloli nokubamba komlilo.
UMnyango wezokuThutha unxuse bonke abasebenzisi bomgwaqo ukuba baqaphe kakhulu ngesikhathi samaholidi asebusika ngenxa yokwanda kwezimoto emigwaqeni.
Amaphoyisa e-RTI kanye namaqembu e-Operation Shanela azoqhubeka nokuqinisa umsebenzi wokuphoqelela umthetho kanye nemikhankaso yokuphepha emigwaqeni esifundazweni sonke.
Khonamanjalo, akasekho emhlabeni umholi we-ANC KwaZulu-Natal, uDkt Ntuthuko Mahlaba. Imibiko ithi ushayiswe yimoto ezivocavoca ngoMgqibelo ekuseni.
Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169



