
USgqemeza akasalulaleli nhlobo uKhozi FM
Sihle Mkhize
Owayengumsakazi wohlelo lwasekuseni uSipho “Sgqemeza” Mbatha akasalilaleli nhlobo uKhozi FM.
Lo msakazi ozwakala engakabhodli kulandela ukungavuselelwa kwenkontileka oKhozini abesesebenze kulo iminyaka engaphezu kwa-20 ubekhuluma kwiPodcast yeNews Avenue.
Nomsakazi owangena ezicathulweni zakhe uVee Mthembu uthi akaze amlalele.
USgqemeza uthi uyolinika indlebe uKhozi mhla ‘lwalaleleka’.
“Angikaze…selokhu ngagcina ngomhla ka-31 March,” usho kanje.
Ebuzwa ngomsakazi weMetro FM oshayela uhlelo lwasekuseni naye uvumele phezulu.
“That my boy”, encoma uSebby.
Akubuzwa ukuthi intukuthelo nokudinwa kusengenhla kulo msakazi ophinde abe ngumfundisi.
Mayelana nokuthi kwabakhona akubhalayo ezinkundleni zokuxhumana okwakungehli kahle emva kokugqashuka kwegoda noKhozi uzivikele ngokuthi wayefuna ukuhluba indlubu ekhasini.
“Khumbula ukuthi kwakunenkolelo yokuthi ngazisiyela nje oKhozini, ngenxa yokunqindwa imigomo elawula uSABC ngalinda ukuthi kuphele inkontileka bese ngiphumela obala,” kucacisa uMbatha.
Ngomhla ka-31 March uSgqemeza waveza ukuthi akulona iqiniso ukuthi wazicelela ukuhamba, wathi lokho amanga akhandiwe kusetshenziswa izintatheli ukuze kube engathi kwaba isicelo sakhe.
Wadalula nokuthi lowo mphathi useyamazi kodwa waligodla igama lakhe.
“Izizathu abazishilo, nginqena nokuzisho la ukuhlonipha u-SABC nesithunzi soKhozi FM.
“Kodwa ihlazo ukuthi isiteshi esingaka singasebenzisa amampunge ukuthatha izinqumo,” kubalisa uSgqemeza.
Wabe esecele ukuthi abazalwane behlise umoya bakhumbule ukuthi ababambene nanyama nagazi.
Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169



