Izindaba

Utholakale eseyisidumbu obelahlekile

Kutholakale isidumbu somshayeli obebikwe njengolahlekile ngemuva kokuba engafikanga ekhaya evela emsebenzini.

Isigameko senzeke eLa Mercy ngoLwesihlanu ebusuku esifundazweni iKwaZulu-Natal.

Ngokombiko we-IPSS Medical Rescue, amalungu omndeni aqale ukukhathazeka ngesikhathi uhlelo lokulandela imoto (vehicle tracking system) luveza ukuthi imoto yakhe ibisime endaweni eyodwa isikhathi eside ngendlela engajwayelekile.

Kwenzeka lokhu nje amalunga omndeni abelokhu ekhathazekile kwazise akafikanga ekhaya njengoba bekulindelekile.

Abatakuli baphuthume endaweni yesigameko bathola imoto isikude nomgwaqo ngamamitha angaphezu kuka-100.

Kuthiwa imoto iphume emgwaqweni yagingqika izikhathi eziningi ngaphambi kokuma phakathi nehlathi.

Ngesikhathi kufinyelelwa emotweni, akutholakalanga muntu ngaphakathi noma eduze kwayo, nokuholele ekutheni kuqalwe umkhankaso omkhulu wokusesha indawo ezungezile.

Kubikwe ukuthi umshayeli ubeyedwa ngesikhathi kwenzeka le ngozi.

Ngemuva kokusesha okuhlelwe ngokubambisana, umshayeli othathwa njengolahlekile utholakale eqhele ngamamitha angaba ngu-60 ukusuka emotweni.

Ngeshwa, kutholakale ukuthi ubeseshonile ngenxa yokulimala kanzima akuthole engozini futhi ushonele endaweni yesigameko.

Abezimo eziphuthumayo badlulise amazwi enduduzo emndenini, ezihlotsheni nakubangani bakamufi ngalesi sikhathi esinzima sokulahlekelwa.

Ezomphakathi Newspaper

Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169 

Related Articles

Back to top button