
UDJ Fresh ubhodla ngokumbalekise kwi-938 FM
Bahle Mkhize
UDJ Fresh ugeqa amagula ngokumbalekise emsakazweni i938 FM njengoba esejoyine iKaya FM.
UFresh obekhuluma kwenye yamaPodcast udalule ukuthi ubalekiswe wukungaholelwa kwabasebenzi kulo msakazo.
Uthi ubesesizwa wukuthi kukhona eminye imisebenzi abeyenza eceleni nokuthi ikhona imali abeyigcinile.
“Bese ngisizwa wukuthi bengithola amagigi emacaleni nokuthi ikhona imali engangiyigcile, nokuyiyo ebese ngiziphilisa ngayo,” usho kanje.
Uthi waqala wazitshela ukuthi izongena imali kodwa dololo naye wagcina esegodla amandla wakhe.
Ubephendula umbuzo wokuthi kungani engavalelisanga kubalaleli bakhe emoyeni.
Ngomhla ka-29 May iKaya 959 imemezele ukuthi isibambe ufishi omkhulu.
“IKaya FM iyazigqaja ngokumemezela ukuthi uThato Sikwane, odume ngoDJ Fresh, ujoyina isiteshi uzokwenza uhlelo lwasekuseni phakathi nezinsuku kusukela ngomhla ka-1 July 2026,”
“Uzobambisana nomdidiyeli osemkantshubomvu noyisethenjwa uThato Mataboge. Uzofika nomndlandla nokukwazi ukuxhumana nabalaleli iGoli lonke kusukela ngo-06:00 kuya ku-09:00.
UDJ Fresh udlale indima enkulu ebambisene no-Unathi Nkayi ekususunguleni i-938 FM.
Le nkakha yomsakazi iJoyina iKaya FM nje uSizwe Dhlomo obeshayela uhlelo lwasekuseni uwushiye phansi lo msakazo wasungula othi yena nobhazabhaza westudio kwakhe.
Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169



