
Athele othulini ababili amaphoyisa asinde kukubi
Liyakhiza Mseleku
Athele othulini abasolwa ababili amaphoyisa aseGoli, Reiger Park, itholene phezulu kudutshulwana.
Kube sekutholakala izibhamu ezingekho emthethweni.
Babulawa nje laba solwa bebebamba inkunzi enendlakandla.
Laba solwa balahlwa elasemakubo ngesikhathi abakwasidlodlo bathola ulwazi ngezigelekeqe abezibamba inkunzi amaloli nezimoto ezihambisa impahla (courier vehicles).

Enye yezimoto ibonakale iBoksburg nalapho ivinjwe khona kodwa abasolwa bayinyathela kakhulu imoto abebehamba ngayo babaleka.
Kulapho ke kujahwane khona kwadutshulwana wena owabona ifilimu.
Imoto yabasolwa ime eduze nemijondolo nalapho abasolwa behle kuyo bathi nyawo zami ngibelethe, abanye ababili badliwa yinhlamvu bashonela endaweni yesigameko.
Imoto yamaphoyisa isale inezimbobo zezinhlamvu kodwa akulimalanga muntu baphuma bengenamyocu.
Izibhamu ezingekho emthethweni zitholakele kanye nemoto yohlobo lweMazda.
Uphenyo lwamaphoyisa luwaholele eGermiston nalapho kusolakala ukuthi kuquba khona abasolwa.
Ithimba lamaphoyisa livundulule imoto yohlobo lweChevrolet Captiva SUV ekutholakele ukuthi yayiphangwe eBooysens. Bayithole isimbathiswe ngenumber plate okungesiyo.
Uphenyo luyaqhubeka ukuzama ukuhlanganisa abasolwa nobunye ubegebengu.
Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169



