Izindaba

Baboshwe sebeyidlile imali odokotela mbumbulu ekasi

Balahlwe elesemakubo abangani abawodokotela mbumbulu ababoshwe bengazelele ebugebengwini beminyaka KwaMashu, eThekwini.

Amaphoyisa ababophele amacala okuqhuba ibhizinisi elingekho emthethweni lokudayisa izitifiketi zokugula zomgunyathi (sick notes).

Imibiko iveza ukuthi laba sebeneminyaka engaphezu kwelishumi besebenza kule ndawo.

Amalungu ophiko lwe-SAPS Economic Infrastructure Task Team yiwo abophe laba basolwa ngesikhathi beqhuba umsebenzi wabo wokukhuculula.

Kulolu phenyo, kutholakale ukuthi isitifiketi sokugula sosuku olulodwa besidayiswa ngo-R100, kanti esezinsuku ezintathu besibiza u-R150.

Amaphoyisa ahlasele kulesi sikhungo e-Ithala Shopping Centre lapho afike athola khona izitifiketi zomgunyathi eziningi ezishayiwe.

Okuvelile ukuthi amagama odokotela abhalwe kulezi zincwadi ngawodokotela bangempela abasebenza ngokusemthethweni, okubikwa ukuthi balahlekelwe yizigidi zezimali ngesikhathi kuqhubeka lobu bugebengu.

Labo dokotela mbumbulu babhekene namacala enkohlakalo nokukhwabanisa (fraud and forgery), futhi balindelwe ukuba bavele phambi kwenkantolo maduze nje.

Kulaba solwa kukhona obekhipha izincwadi ezibhalwe uDr B. B Sibiya omunye Dr F. I Sulaiman.

“Manje ngoba ababulalanga muntu nje  akeniyeke odokotela bakaMashu, bantu siwuMlaza siyanibingelela bodokotela bakwamMashu, “kubhala umfundi ezinkundleni zokuxhumana.

Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169 

Related Articles

Back to top button