Izindaba

Isibalo esishaqisayo sabafana abafe besokwa entabeni

Philasande Luthuli

Kukhalwa nxazonke eNingizimu Africa kulesi sikhathi sasebusika njengoba sekufe abafana abangu-43 besokwa ezindaweni ezahlukene.

Lesi sibalo siyashaqisa kwazise abazali basuke benethemba lokuthi izingane zabo zabafana zizobuya ziphila futhi sezingamadoda.

UNgqongqoshe wezindaba zoMdabu uVelenkosini Hlabisa ukhombe abazali ngenjumbane ephawula ngalesi sibalo sokufa kwabafana.

“Asikwazi ukuthi njalo ngalesi sikhathi sonyaka sizofelwa izingane ezimweni engabe ziyagwemeka. Yisimo esidabukisayo lesi, angeke sibashiye ngaphandle abazali bezingane njengabantu okumele ngabe yibo abadlala indima enkulu,” usho kanje.

Ukhuluma kanje uHlabisa abanye abazali bayisa izingane zabo ezikoleni ezingekho emthethweni nezingakulungele ukwenza lo msebenzi obucayi.

Esifundazweni saseMpumalanga kufe 18, Eastern Cape 14, Gauteng 2, Limpopo 3, North West 14 bese kuthi eFree State 2.

UHlabisa uthi izikole sezizonke zingu 58 ezichaphazelekayo.

Uveze nokuthi amacala okufa kwabafana asevuliwe angu-160, kwaboshwa abasolwa abangu-40.

Umholi wenhlangano i-Action SA KwaZulu-Natal uZwakele Mncwango ubhodle emswaneni ngaleli lifu elimnyama elehlele iNingizimu Africa.

“Ngiyawahlonipha amasiko azozonke izizwe, kodwa ngiyakholwa ukuthi isiko lokusoka entabeni kumele libuyekezwe,”

“Yini abazali bevuma ukuhambisa izingane zabo, bazi ukuthi zingafa. Akukwazi kube sengathi akwenzekanga lutho ukufa kwabafana abangu-43 manje,isibalo singahle sinyuke”

“Angilwi, ngiyabuza nje kwabaziyo, kuphazamisaphi ukuthi umfana angasoki noma asoke esibhedlela”? kubuza uMngcwango.

Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169

Related Articles

Back to top button