
Utholwe elahlwe esikhotheni othunjwe esetohweni
Aphe Gcwabe
KUTHOLWE owesilisa obethunjiwe izinsuku eziyisithupha elele esikhotheni esephelelwe namandla.
Sekuvele ukuthi umgilwa ubethunjwe abesilisa abangaziwa ngoLwesine olwedlule.
Laba besilisa kuthiwa bebehamba ngemoto yohlobo lweVan engachazwanga imininingwane e-Phoenix, KwaZulu-Natal.
Umgilwa ukwazile ukutshela onogada be-Reaction Unit of South Africa (RUSA) ukuthi aze ehlelwa yilo mshophi nje, ubethole itoho lokulungisa isango emzini thizeni eWoodview ngoLwesithathu.
Kuthe ngoLwesine, mhlaka-20 April kuwo lonyaka umgilwa wanikela khona kulo muzi wekhasimende ephethe isango obekufanele aliyise kwelinye ikhasimende.
Kuthe kusenjalo kwaqhamuka imoto eyi-van ishayelwa owesilisa, yama nse phambi kwakhe.
Ube esesolwa ngokweba watshelwa ukuthi namhlanje uzowuchama awuphuze ngoba kuzoshuba.
Kuso leso sixakaxaka kwehle amanye amadoda abehambisana nomshayeli amgxavuna amfaka emotweni bakhala iphepha naye.
Ngaleso sikhathi imoto ibisidla amagalani ilibhekise eplazini eliseVerulam nokuyilapho bafike bamtalabha khona ngezinduku amahora amade bembophele esihlahleni.
Emuva kokuzidelisa ngaye abasolwa babe sebembuyisela ePhoenix nalapho bemdalakaxeke esikhotheni bezitshela ukuthi ufile.
Isisulu sithi siphelelwe ngamandla, sangakwazi ngisho ukugaqa ngamadolo sifune usizo. Size satholwa ngumuntu thizeni obezidlulela wase ehlaba umkhosi.