
Ulahlwe elakubo obethatha amashansi kwaRAF
Liyah Mseleku
ULAHLWE ngelakubo owesilisa waseTshwane obezama ukuthatha amashansi ezimalini zakwaRoad Accident Fund (RAF).
ULinda Buthelezi (48) ugcinwe esitokisini ngamaphoyisa ophiko lweSerious Commercial Crime Investigations (SCCI).
Kumacala abhekene nawo kubalwa nelokuzama ukukhwabanisa imali kaRAF engango R6,1 Million.
Kuvele ukuthi wasenga ezimithiyo ngoDecember 2018 eBrooklyn Police Station wathi ushayiswe yimoto.
Uphenyo luveze ukuthi nguye uButhelezi owaba yimbangela yengozi ngesikhathi eshayela budedengu nokwadala ukuthi izimoto zishayisane mahlanze.
Wabe esetholwa enecala yiNkantolo yaseProtea Glen eSoweto wahlawuliswa wase elengiselwa iminyaka emithathu ngalelo cala.
Yize kunjalo ukwazile ukuba nesibindi sokuyozenza umgilwa ngoba econsela amathe izigidi zemali yakwaRAF.
Ngokombiko weDaily Sun icala lakhe libe selihlehliselwa umhla ka-8 April.
Inhloko yoKlebe eGauteng uMajor General Ebrahim Kadwa ishayele ihlombe ithimba labaphenyi elikwaze ukuphenya izinqa uButhelezi.
“Sizibophezele ukuqinisekisa ukuthi labo abazama ukuxhaphaza indlela yokusebenza kwaRAF bayawukhomba umuzi onotshwala,” usho kanje.
u-Ebrahim uthi ukuboshwa kwaButhelezi kuyisexwayiso nakwabanye abacabanga ukudlalela ezitsheni ezifayo.
NgoDecember wonyaka odlule iPurpose ibike ngesexwayiso esikhishwe abakwaRAF bethi labo abaziphosa ezimotweni ngeke banxephezelwe.
URAF wathi sebenze ucwaningo olunzulu noluveza ukuthi abantu sebevele baziphose ezimotweni ngoba befuna ukunxephezelwa.
Bathi sebethathe isinqumo sokuthi ngaphambi kokuba banxephezele kuzobhekwa imbangela yengozi, ukuthi abuzange kube khona yini ubudedengu.
Kusukela ngo-2021 kuya ku-2024 sekunqatshwe izicelo ezingaphezulu kuka-49.000 ngenxa yobudedengu nokufuna ukuceba.