
‘Unyathele amakhona osopolitiki abayingozi’
‘UNYATHELE amakhona osopolitiki abahlangene nokudayiswa kwezidakamizwa uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi obhekene nefu elimnyama emsebenzini wakhe’.
Isho kanje inhlangano i-Economic Freedom Fighter (EFF) ikhomba ngenjumbana osopolitiki thizeni.
Leli qembu lithi bonke abasenzinsolweni abamfuni nokumbona emaphoyiseni uMkhwanazi.
Lokhu kuza ngemuva kokuthi uphiko oluphenya amaphoyisa i-Independent Police Invistigative Directorate (IPID) ifuna ukumphenya ibheshu.
Ikhala ngesibalo esiphezulu sabasolwa ababulawa ngamaphoyisa eKZN.
“Lokhu kwenziwa ngamabomu ngenhloso yokudidisa nokunyefisa umsebenzi onzima esifundazweni esiyingozi. Le yimpi ebhekiswe ngqo kuMkhwanazi ohliphize izidleke ebese zikade zifukamele ubugebengu,” kusho i-EFF.
Le nhlangano iqhube ngokugadla ithi iKwaZulu-Natal isiphenduke indawo yempi.
Ithi kulapho kulwa khona osopolitiki abakhulu, osomabhizinisi abakhohlakele nabenza ubugebengu obuhleliwe, ukushushumbiswa kwezidakamizwa phakathi kokunye.
UMkhwanazi usenuka iqaqa nje kwi-IPID yingenxa yesikhalo esafakwa ngothile ozifihlile emsola ngokuvikela inhloko yezamaJele uNelly Ndlovu.
Lo ofake isimangalo ubalisa ngokuthi uNdlovu ubedayisa izidakamizwa ngaphakathi ejele iQalakabusha.
Okuthiwa yikho okwagaxelisa uMkhwanazi ukugxambukela ekuboshweni kwaNdlovu ekubeni amaphoyisa evundulule izidakamizwa ngesikhathi epequlula.
UJennifer Dikeledi Ntlatseng, onguMqondisi oMkhulu kwi-IPID uthe kuyakhathaza ukuthi amanye amaphoyisa eqa umthetho ngokuthi aqede ngobufakazi noma ngomsolwa osuke ebandakanyeka ebugebengwini.
Umbiko wonyaka wango 2023/2024 we-IPID uveza ukuthi isifundazwe iKwaZulu-Natal sibe nesibalo sabawu-166 abafe ngenxa yamaphoyisa, nokusho ukuthi leyo ngxenye wu-25% wezigameko ezenzeka ezweni jikelele.