
Iwele kusomabhizinisi waseDBN iRoyal AM kaMaMkhize
IDOLOBHA laseThekwini ligcine likwazile ukugcina ikilabhu yebhola iRoyal AM edlala kwiBetway Premiership ebifakwe endalini yiSARS negcine iwele kwisiqumama sakuleli dolobha.
Le kilabhu kaShauwn Mkhize kuthiwa ithengwe nguRoy Moodley ongusomabhizinisi odumile eThekwini.
Abamazi kancono bamjwayele ngamahhashi amaningi avame ukubonakala kwiHollywoodbets Durban July.
Exoxa neLANGA uMoodley uthe usalinde isinqumo esiwujuqu kwiPremier Soccer League (PSL).
Kuthiwa iPSL ikumise konke ukumemezela mayelana nalesi sinqumo ukuze ithole ulwazi olwanele kubanikazi abasha ngezinhlelo zabo ngale kilabhu.
Kwenzeka lokhu nje, abadlali be-AM bayaqhubeka nokuziqeqesha futhi bayayithola imiholo yabo njengoba injalo.
NgoLwesine leli qembu, lidlale umdlalo wobungani neDitlou FC eyibamba kwiKZN ABC Motsepe League, lanqoba ngo 5-0.
“Asikatshelwa lutho ngokuzokwenzeka. Sagcina sitshelwe ukuthi iqembu lizodayiswa, konke sizokwaziswa ngesikhathi esifanele. Sidonswe ngendlebe ukuthi singakunaki okushiwo ezinkundleni zokuxhumana ngoba kuningi okungamanga. Nathi siyazibonela lokho ngoba kukhona abathi asiholile, siyavolontiya, kodwa siyazi ukuthi siyahola nakuba kwesinye isikhathi sihola sekudlule isikhathi,” kusho lo mdlali.
Njengoba kujwayele ukuthi kube nezinguquko uma kufika umphathi omusha uMoodley uthe uzoqhubeka nabaqeqeshi abakhona nakho konke okwekilabhu, bese kubonakala ngokuqala kwesizini.
“Bengivele nginesifiso sokuba nekilabhu egijima kwiBetway Premiership. Kangifuni ukushintsha izinto ngoba sisesikhathini esibucayi. Mayelana nendawo abazodlalela kuyona, ngisazohlangana nethimba lami sibone ukuthi sizogcina ngokuqoka yiphi inkundla phakathi kweHarry Gwala neTheku,” esho.
Uqhube wathi uzohlangana nabadlali beRoyal AM ngoLwesihlanu eMgungundlovu.
Abazishwashwathayo bathi uMoodley ufake isicelo sokuthenga i-AM ngemali engango-R35 million. I-AM igcine ukudlala ngokunyaka odlule ngoDecember neTS Galaxy.