Ezemidlalo

Kushintshe ukudla epletini kudayiswa iRoyal AM

I-Premier Soccer League (PSL) ivele yashipha kudliwa kwabheda uhlelo

njengoba ivele yachitha uChockalingam “Roy” Moodley.

Lo somabhizinisi bekuvele ukuthi uzoba ngumnikazi omusha weRoyal AM ngemuva kokuvumelana nomlawuli weSARS ngokuyithenga ngoR-20 million.

Ngokwemithetho yePSL ukudayiswa kweqembu kufanele kuphasiswe yisigungu esiphezulu esilawula iligi.

Lokhu kusho ukuthi iSARS kufanele iqhubeke nokuzama ukuthola umthengi ozophasiswa yiPSL.

Kwenzeka lokhu nje, abadlali be-AM bayaqhubeka nokuziqeqesha futhi bayayithola imiholo yabo njengoba injalo. NgoLwesine, leli qembu lidlale umdlalo wobungani neDitlou FC eyibamba kwiKZN ABC Motsepe League, lanqoba ngo 5-0.

“Asikatshelwa lutho ngokuzokwenzeka. Sagcina sitshelwe ukuthi iqembu lizodayiswa kodwa asilinde, konke sizokwaziswa ngesikhathi esifanele. Sidonswe ngendlebe ukuthi singakunaki okushiwo ezinkundleni zokuxhumana ngoba kuningi okungamanga. Nathi siyazibonela lokho ngoba kukhona abathi asiholile, siyavolontiya, kodwa siyazi ukuthi siyahola njalo ngenyanga nakuba kwesinye isikhathi sihola sekudlule isikhathi,” kusho lo mdlali.

Related Articles

Back to top button