
Kuzodedelwa iziboshwa ezihlulwa yibheyili
UMNYANGO wezokuHlunyeleliswa kweZimilo eNingizimu Afrika ucubungula isiphakamiso sokusebenzisa imali yabakhokhi bentela ukukhokhela iziboshwa ibail eqala ku-R1000 kuya phansi.
Lezi zaba zenziwa ngoba kuzanywa ukunciphisa ukugcwala kakhulu emajele.
Lo Mnyango uthi baningi abantu abahlulwa ukukhipha ibail nabakuthatha njengokuhlukunyezwa kwamalungelo wabo.
Lesi siphakamiso siholwa iJaji eselathatha umhlalaphansi, u-Edwin Cameron ne-Judicial Inspectorate for Correctional Services (JICS).
Kuthiwa lesi siphakamiso uma siphasa sizoqala ukusebenza kwiziboshwa ezenze amacala amancane.
“Iziboshwa ezingase zibe senhlanhleni yilezo okumele zikhokhe ibail eqala ku-R1,000 kuya phansi ukuze kuliwe nenselelo yokugcwala kwamajele. Ijele iWestville Medium B kumanje igcwele iziboshwa ezingu-4,000 ekubeni kumele ngabe imumatha ezingu-1,500 nokuyinto efakela uMnyango ingcindezi,” kuphawula uMnyango.
Lesi siphakamiso esisamunyungwa kuthiwa sizonika ithuba lokudedelwa kweziboshwa ezenza amacala amancane afana nokweba nokushaya.
Lezi ziboshwa zizokhululwa ziyohlala emakhaya zisalinde ukuqulwa kwamacala azo ukuze kuvuleke isikhala seziboshwa eziyingozi emphakathini.
Nokho abanye bayasigxeka lesi siphakamiso njengoba bethi sizogqugquzela abantu ukuthi benze ubugebengu ngoba bazi ukuthi ngeke bejeziswe.
Khonamanjalo iPurpose isanda kubika ukuthi uMnyango wezokuHlunyeleliswa kweziMilo ePhalamende unqume ukuthi kuvalwe amakhishi ejele laseWestville, eThekwini. Kuthiwa kumele alungiswe njengoba engekho esimweni.
“Akuwona wonke amakhishi ejele anenkinga, kodwa yingxenye ethile, okubalwa kuwo lawa asetshenziswa yiziboshwa eziyingozi. Kuleli leziboshwa eziyingozi bekungcolile, kunuka, uphahla naphansi kunezimbobo namanzi ezivuzela nje engalungiswa. Sibe sesivalelana neziphathimandla zakhona emhlanganweni, sinqume ukuthi kumele zavale la makhishi bese eyalungiswa,” kulandisa usihlalo waleli komidi, uNkz Kgomotsho Ramolebeng.
Ubelandisa ngesimo esingagculisi athi usifice emakhishini akuleli jele. Enye yezinkinga abazificile okumele zilungiswe wucingo olungekho esimeni esihle, nolungenza kube lula ukungena nezinto ezingavumelekile ejele.
Umkhaya