
Kuzothuthukiswa abafundi bagrade 10 & 11 ezifundweni ‘eziyingozi’
Bahle Mkhize
KULINDELEKE ukuthi abafundi abaqhamuka ezikoleni ezahlukene abenza ugrade 10 & 11 bathutheleke Mangosuthu University of Technology (MUT) bezoncela embeleni ogwansile.
La makilasi azoqala ngoMsombuluko kuze kushaye uLwesibili ngomhla ka-1 April kulo nyaka.
Izifundo okuyizo ezithathwa njengezibukhuni satshe okuyiMaths nePhysical Science zizobe zifundiswa ochwepheshe futhi abanesipiliyoni.
Uthisha waseNorthwood High School u-Innocent Mbay nozobe ezibambele mathupha kubafundi usanda kwethula incwadi esihloko sithi Surecase Workbooks For Physical Science.
UMbay unesipiliyoni esingaphezulu kweminyaka engaphezulu kwa-14 ekulo mkhakha uthi incwadi yakhe iwusizo olukhulu kwazise ibhalwe ngeSingisi esilula.
“Ngibone isidingo sokufuqa lo mkhankaso emuva kokubona imiphumela ecikizelayo kulesi sifundo. Njengamanje othisha nabafundi bahlome ngamathuluzi okuzokwenza umsebenzi ube lula futhi ube mnandi,” usho kanje.
UMbay uthi umfundi uma enze kahle kagrade 10 & 11 lokho kumbeka emathubeni angcono okuphasa uMatric, yingakho behlele le khempu okungeyokuqala nezolanywa ngamanye.
Wengeze ngokuthi ngesikhathi ehlanganisa le ncwadi wayisusela ezimpandeni zomqingo weCAPS curriculum, imigudu yokuvivinywa, amaphepha eminyaka edlule yezivivinyo nokunye okusondelele nokuhlomisa umfundi.
Njengoba isiZulu sithi libunjwa liseva kunethemba lokuthi iKZN kuzogcina kuyiyo eqenqeleza phambili ezweni kwimiphumela kaMatric njengoba ngo-kuqengqeleze iFree State ngo-87,3%
Imiphumela kulo nyaka inyukile isuka ku-82.9% ngo-2023 kuya ku-87.3%.
Kuphume nangaphezulu kwa-319 000 wodistinctions okuyinto enconywe nawuNgqongqoshe wezeMfundo eyisisekelo uNksz Siviwe Gwarube.